SEKUZOPHELA ukuzigawulela izihlahla noma yikanjani emakhaya uma siphasiswa isiphakamiso sokuthi abantu bacele imvume kuMasipala weTheku.
Lokhu kuvezwe yiNhloko yophiko lwezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko uMnuz Thembinkosi Ngcobo, kwenye yezingqungquthela ezihambisana nezinhlelo zomnyango wakhe.
UNgcobo uthe okwenze kuvele lesi siphakamiso ukuthi osaseyensi bakhala ngokunyuka kwamazinga okushisa.
“Abezemvelo nososayensi bakhomba ukuthi eminyakeni ezayo amazinga okufudumala azonyuka ngo-6º. Izihlahla ziyadingeka kakhulu futhi kusamele kutshalwe ezinye. Kumele kuphele ukuthi abantu bazigawulele izihlahla ngoba sisenkingeni enkulu, kuyaphuthuma ukuthi kulungiswe lesi simo,” kusho uNgcobo.
UNgcobo uthe abakuqaphelile wukuthi abantu uma bethenga imizi, into yokuqala abayenzayo ukugawula izihlahla. Uthe lesi siphakamiso bazosidlulisela eMkhandlwini weTheku ngokushesha ngoba kuyaphuthuma. Uma siphasiswa isiphakamiso, umuntu sekuzomele afake isicelo kumasipala ngaphambi kokugawula isihlahla. UMasipala uzothumela ithimba elizohlola leso sihlahla ukuthi kumele yini sigawulwe ngenxa yokuthi kukhona nezingadingeki.
Uthe akuyona into ongazivikela ngayo ekugawuleni izihlahla ukuthi ziyamosha uma kunezikhukhula. Okubalulekile wukuthi zinakekelwe nasezilwaneni ezinjengomuhlwa.
Ngaphandle kwesiphakamiso sezihlala, uNgcobo ukhulume ngokubaluleka kweziqiwi athe zisengcupheni yokuhlaselwa ngabadla umhlaba ngenkani. Ulinganise ngeSilverGlen Nature Reserve eseChatsworth athe yenza omkhulu umsebenzi kodwa abantu kabazi.
“Lezi zindawo zinezihlahla ezibalulekile zokwelapha izifo ezehlukene. Ngenxa yokungafundiseki kwabantu babona indawo engasebenzi, bafune ukubeka imijondolo kanti babulala imvelo.”
UNgcobo uthe ngaphandle kweSilverGlen kukhona izindawo eziwu-10 esezibalulwe njengeziqiwi eThekwini. Mayelana nokuvikelwa kwazo uthe kusazothatha isikhathi ngoba lude uhlelo. Phakathi kwezinhlelo zokuvikela lezi zindawo ukuthi zibiyelwe, athe nakho kudinga enkulu imali.
Njengoba kuyinyanga yamagugu uphiko lukaMasipala lunezithangami ezehlukene ezithinta ukongiwa kwemvelo. Izithangami zizophela ngoSeptemba 28.