UMENGAMELI wamaJaji kuleli uMogoeng Mogoeng uthi umsuka wokuhlaselwa kwabokufika kuleli indlala edalwa inzika mnotho.
UMogoeng ukhulume kanje ngoLwesine ngesikhathi ethula inkulumo e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) emcimbini wokwethwesa ngeziqu izitshudeni zakhona. Emasontweni amathathu edlule abokufika bebehlaselwa kuleli abanye kutatshwa impahla ezitolo zabo abanye kushiswa imikhukhu abahlala kuyo. Ngaphezu kwalokho kusukela ngonyaka odlule bathwale kanzima abashayeli bokufika endimeni yezokuthutha kuleli njengoba kube nezigameko zokushiswa kwamaloli abawashayelayo. Lokhu kudale ukuthi iNingizimu Afrika ithole ukugxekwa emazweni amaningi ase-Afrika kanti kungenele ngisho namaciko aseNigeria ethi ngeke esalubhada kuleli. Kwenzeka lokhu nje nango-2008 kwenzeka okufanyo kuleli.
Ephawula ngalolu daba uMogoeng Mogoeng uthe umsuka wokuhlaselwa kwabokufika indlala ebhekene nabantu bakuleli.
“Abantu baseNingizimu Afrika ababacwasi abokufika. Ukube ngiyabacwasa, ngabe ngihlasela uvice chancellor (ongowokufika) njengamanje. Kumele sizibuze ukuthi kungani kubuye le nto yokuhlaselwa kwabokufika ngendlela ebuye ngayo ngo-2019. Sincamela ukuziqamba amagama izinto. Ngo-2008, kwawa umnotho emhlabeni wonke. Abantu babelambile, kwadilizwa inqwaba emsebenzini,” kusho uMogoeng.
Uqhube waveza ukuthi ukungabibikho kwemisebenzi nokudula kwezinto kuleli kunomthelela omkhulu.
“Ngakho, njengoba asho u-Archbishop Desmond Tutu exwayisa iPretoria Afrikaner Chamber of Business eminyakeni ewu-13 edlule, abantu abangaphansi kwengcindezi enkulu bathathela izinto phezulu,” usho kanje.
Uphinde waveza ukuthi kuqaphelekile ukuthi izifundiswa kuleli azibahlaseli abokufika.
“Zinemisebenzi, zinokudla namathuba. Kungenzeka ukuthi kukhona ukucwaswa kwabantu bokufika kodwa inkinga ayiqali futhi ayipheli lapho. Uma ucabanga ukuthi isixazululo kulokhu ukufundisa abantu ukuthi bathandane, uyazidlalela.”
Nakuba kunjalo uMogoeng Mogoeng uthe zonke izenzo zobugebengu kufanele zibhekane nengalo yomthetho ngoba uma kungenzeki lokhu kunika isithombe esingesihle ngeNingizimu Afrika.
Uphonsele abenzi bocwaningo kuleli inselelo yokuthi bacwaningisise izinkinga ezibhekene nezwekazi i-Afrika.