Umengameli Cyril Ramaphosa nekhabinethi yakhe exube amalungu eGNU
Image: GCIS
ABANTU baseNingizimu Afrika abehlise umoya bangasheshi ukubheka imiphumela ehambisana nabo kuhulumeni wokubusa ngokubambisana kwamaqembu ehlukene.
Lokhu kushiwo umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Zakhele Ndlovu, ekhuluma neSolezwe ngeMpelasonto kulandela isigcawu sangoLwesine ebesibanjwe ngobuchwepheshe ukudingida ukuthi ngabe izwe selikuphi selokhu kwangena uhulumeni wobumbano, izinselelo ezikhona ngaphansi kwawo nokuthi kungabhekwana kanjani nazo.
Kulesi sigcawu ebesihlelwe iNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) bekushiyelana inkundla abemikhakha ehlukene. UNdlovu uthe kusesekuseni ukuthi abantu bangalindela lukhulu kulo hulumeni ngoba ziningi izinkinga izwe elibhekene nazo.
"Inkinga enkulu ukuthi abantu abakulo hulumeni abazwani bebodwa okushiya umbuzo wokuthi bazosebenza kanjani," esho.
Uthe lokhu kubonakale ngempikiswano ebekhona ngemithetho; owomshwalense wezempilo iNational Health Insurance (NHI), owezemfundo eyisisekelo, iBasic Education Laws Amendment Bill, owokuthathwa komhlaba nesabelomali sanonyaka.
"Bazosebenzisana kanjani uma kuyilowo nalowo efuna ukujabulisa abamuvotele? Lokhu kufana nomshado wababili okufanele babambisane ukuze izingane zidle kodwa bengasathandani," echaza.
Uqhube wathi lokhu akhuluma ngakho kuphinde kwagqama ngesikhathi sempikiswano ngesabelomali nathe kunzima ukusebenzisana phakathi kukaNgqongqoshe wezeziMali nephini lakhe.
UNdlovu uthe njengoba izwe libhekene nenkinga yomnotho, ingqalasizinda inganakekelwa namabhizinisi kahulumeni ehluleka ukudala imisebenzi, kuzothatha isikhathi ukuthi uhulumeni wobumbano uqhamuke nesisombululo.
"Angiboni bezokwenza umehluko omkhulu ngoba ababambisene. Umbuzo okhona owokuthi ngabe iminyaka emine esasele iyophela besasebenzisana yini?"
Lo mhlaziyi uthe njengoba kunezinkomba zokuthi kusazobusa amaqembu ngokubambisana ngabe lizoba njani ikusasa lezwe? Uthe ukuhambela kukaMengameli Cyril Ramaphosa eMelika ehambisana nethimba ebelihlanganisa abamhlophe kuyalibuyisa ithemba kubatshalimali nokuthi babekhuluma ngazwilinye.