ABANTU abasha bathole ithuba lokuzikhalela kuNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka obesengqungqutheleni yabantu abasha eNewcastle ngempelasonto.
Kule ngqunguthela ebibophele namalungu ePhalamende nawesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, abantu abasha bakhale ngokuswela amathuba omsebenzi nawebhizinisi.
Phakathi kwezikhulumi ebezikhona, kubalwa uSihlalo weScopa uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uSihlalo wekomiti leMfundo ePhakeme uNksz Nompendulo Mkhatshwa, uSihlalo wekomiti lezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu eSishayamthetho saKwaZuluNatal uNksz Zinhle Cele, oMnuz Siboniso Zuma nenkosi yaKwaNodunga uNkosikhona Zulu.
Zonke izikhulumi zikugcizelele ukuthi abantu abasha kufanele bathole amathuba emfundo yamahhala ukuze bakwazi ukuzithuthukisa bona nomnotho wezwe.
Abanye bakhale ngokungabi bikho komhlaba wokulima, bacela nokuthi uhulumeni asebenzisane nabaholi bomdabu ukuze kunikwe abantu abasha umhlaba wokulima.
USihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu nabamaKhoi-San, inkosi Phathisizwe Chiliza idonse ngendlebe abantu abasha ukuthi bayeke umkhuba omubi wokumosha ingqalasizinda uma benganeme ngokuthile.
UHlomuka ugqugquzele abantu abasha ukuthi bathinte omasipala babo ukuze batshelwe ngezinhlelo zokubathuthukisa ezikhona.
Uthe njengamanje omasipala bazothatha abantu abasha abawu-661 abadinga ukuqeqeshelwa umsebenzi emikhakheni ehlukene, okubalwa owobunjiniyela, owezezimali neminye ebalulekile ekuthumeleni izidingo emphakathini.
Uthembise ukuthi uzosebenzisana nezinhlaka ezimele abantu abasha ukuqinisekisa ukuthi intsha inezwi kuhulumeni.