BABONGA ithuba noxhaso abaluthole kuhulumeni abantu abasha abangosomabhizinisi emkhakheni wezokwakha. Izolo basayine isivumelwano sokusebenzisana seminyaka emithathu esizodla uR150 million noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal.
Lesi sivumelwano sisayinwe emcimbini obuseGreyville Convention Centre, eThekwini ngosomabhizinisi abangu-90, okulindeleke ukuthi bafakwe ohlwini lwezinkampani eziholwa ngabantu abasha abazoncintisana bodwa, uma uhulumeni ekhipha ithenda yomsebenzi.
UMnuz Mabutho Mbatha, umnikazi weKweleqadi Project, uthe okwamfaka kulo mkhakha ukubona amathuba omsebenzi amaningi. Uthe bengabantu abasha yibona okumele babe sekhaleni lezinhlelo zentuthuko yaleli zwe.
“Eminyakeni ezayo kuningi okusamele kwakhiwe futhi kulungiswe. Kumele siwathathe amathuba anjengalawa enzelwe thina esibasha ngoba sifunda lukhulu kuwo,” kusho uMbatha.
UNksz Slindile Dlamini weNothango Primary Co-operative Limited, uthe limnika ugqozi nofuqufuqu ithuba elifana naleli njengomuntu wesifazane omnyama futhi osemusha emkhakheni othathwa ngokuthi owamadoda.
“Siyakwazi ukuhlangana nabanye abantu sicobelelane ngolwazi futhi sincintisane. Siyalingana futhi sinamathuba afanayo manje kumele ngilisebenzise ithuba enginikwa lona. Ngizoqasha abanye abantu sikhule sonke,” kusho uNksz Dlamini.
UMnuz Qiniso Cibane ukhale ngokuthi bengosomabhizinisi abasathuthuka abanikwa imisebenzi eyevile kuR1 million futhi bavame ukuhlushwa ngabantu abazibiza ngeBusiness Forum, abafuna isabelo sika-30% emsebenzini abasuke benikwe wona wuhulumeni. Uthe bathwaliswa kanzima yilaba bantu, wacela umnyango ungenelele.
UNgqongqoshe uMnuz Jomo Sibiya nePhini likaNgqongqoshe eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke uNkk Pam Tshwete abebeyingxenye yomcimbi, babaqinise idolo abantu abasha.
Bathe inhloso kahulumeni ukusiza abantu abasha abangena emkhakheni wezokwakha ukuthi banikwa amathuba afanayo nabanye. Lo mnyango uthi izinhlelo zabo zihlose ukufukula abasha abesifazane, nomakadebona ababengamasosha ayelwa nohulumeni wengcindezelo.
USibiya uthe bazolekelela abantu abasha bacathulisane indlela yonke noma isala endleleni bayifukule. “Sifuna lentsha iphinde isungule amathuba omsebenzi. Iwenzisise umsebenzi enikwa wona uhulumeni kungabi nongabazane,’ kusho uSibiya.
Uthe bazosebenzisana nezinhlaka zezomthetho ukuze banqande ubudlova obenziwa abafuna umsebenzi ngodli.