BAYAZIQHELANISA nabadlwenguli abanikazi bomuzi okudlwengulelwe kuwona owesifazane wadliswa ugwayi uvutha ngesonto eledlule.
Isolezwe ngeSonto oshicilelweni lwesonto eledlule libike kabanzi ngowesifazane ovule icala lokudlwengulwa ngamadoda amathathu okuthiwa ayeshintshana ngaye eNanda, eZimangweni.
Uthe ubebuya emsebenzini ngesikhathi amadoda amathathu emhlasela emkhomba ngesibhamu amhudulela kulo muzi amdlwengula ashisa ugwayi awufaka emlonyeni wakhe ecikwa ukuthi wayekhala.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kwasetshenziswa umuzi womuntu onezindlu ezingahlali muntu ukudlwengula lo wesifazane.
UMnuz Sbanisethu Ngwenya wakulo muzi osetshenzisiwe, uthi nabo bashaqekile ukuthi enye yezindlu zakubo yasebenza ukugila imikhuba.
Uthi empeleni yizindlu ezihlala zingenamuntu isikhathi esiningi yingakho izigangi zijwayele khona.
“Asikho isigebengu kithi, asihlangene thina nento eyenzeka. Kunomfana ogangile owasuka wazongena kule ndlu wagila imikhuba. Singene ehlazweni uma sekuthiwa umuzi wakithi ungumhume wabaphangi,’’ kuchaza uNgwenya.
Uthe bavule izandla nasemaphoyiseni uma
efuna ukufika ezobona indawo enze uphenyo lwawo ukuze kucace ukuthi abazona izigilamkhuba.
Uveze nokuthi nabo sebegilwe yizigebengu kaningi zigqekeza lezi zindlu yingakho bengasahlali khona isikhathi esiningi.
UNgwenya ugcizelele
ukuthi uyafisa ukubona izigilamkhuba ziboshwa ukuze naye zimchazele kabanzi ukuthi ziwunikwa ubani umuzi wakubo eziwuphendula indawo yokugila imikhuba.
Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo.