IZIGAMEKO zokubulawa kwabamnyama ePhoenix, ezenzeke emasontweni adlule kusuka izibhelu okusolakala ukuthi zinenhlese yokucwasa ngokwebala, kumele kukhulunywe ngazo, abafundi bangafihlelwa.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, ngesikhathi ehambele izikole ezisePhoenix, i-Earlington Secondary, Greenbury Secondary neHopeville Primary namuhla ekuseni ukuyohlola isimo njengoba kuvulwe izikole.
"Isimo esisibone senzeka emasontweni edlule, lapho amaNdiya ebulala abamnyama, asidingi ukumbambathwa kodwa kumele kukhulunywe ngaso ukuze kungabikhona mfundi ozizwa ecwaseka noma ozozizwa ekhuthazwa esikubone kwenzeka," kusho uMshengu
Ekhuluma nabafundi, uMshengu uthe kumele lesi simo bangasithathi njengesokucwasana kodwa baqhubeke nokuzwana nokubambisana bese kuthi lolu dlame olubekhona luthathwe njengesenzo sobugebengu esiqhutshwa yidlanzana.
Uthe ukuvulwa kwezikole kuhambe kahle kusona sonke isifundazwe kanti izinsiza zokugwema ukubhebhetheka kweCovid 19 zikhona ezikoleni.