VIWE TSHAKA
VIWE TSHAKA
LONDIWE SHANGE
LONDIWE SHANGE
THEMBEKA SHOKHULU
THEMBEKA SHOKHULU
WANDILE MHLONGO
WANDILE MHLONGO
KUBOSHWE abesifazane baseNingizimu Afrika abane akade besebenza emkhumbini abasolwa ngokudayisa izidakamizwa emkhumbini obume echwebeni iPort Miami, e-United States.

Ababoshiwe ngoNksz Londiwe Shange (27), Wandile Mhlongo (29), Thembeka Sokhulu (36) noNksz Viwe Tshaka (23). Baboshwe ngoNovemba 17.

Bathe xinti enkantolo yeMantshi yaseFlorida eMiami ngoMsombuluko.

Babekwe amacala okushushumbisa izidakamizwa, awokutholakala nazo ngenhloso yokuzisabalalisa.

Baboshwe nozakwabo baseJamaica oMnuz Errol Roy Sutherland (39) noCarl Michael Smith (27) okutholwe u-2.2 pounds wecocaine kobhaka babo. USutherland kuthiwa utshele amaphoyisa ukuthi ubhaka uwunikwe wumngani wakhe waseJamaica abemcele ukuthi awunikeze umuntu uma esefika eMiami. USmith yena uthe sekunezinyanga ezine ephatha obhaka ebanika abantu uma efika emachwebeni ehlukene.

LONDIWE SHANGE

Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Mercury lithe amaphoyisa aseMiami athole icocaine ewu-17 pounds emzimbeni yabayisithupha ababoshiwe enye ibifihlwe ezindlini zabo emkhunjini. Sebebonke ababoshiwe bayisikhombisa kanti bavalelwe ejele eliseFlorida, eDelta Miami, lapho kudingeka bakhokhe u-$250 000 webheyili.

Kuthiwa oNksz Shange, Mhlongo noSokhulu bebehola u-$2,000 ngokuhambisa izidakamizwa kanti uNksz Tshaka ubeqala ukwenza umsebenzi.

Bayawaphika wonke amacala ababekwe wona.

UNkk Alyssa Goldfarb, weMSC Cruises, uthe kuseshwe bonke abasebenzi bomkhumbi wabo ngesikhathi befika noma sebephuma echwebeni laseMiami. Uthe baphinde basebenzisane nenkampani yonogada enezinja ezihlola izikhwama uma besemachwebeni ahlukene.

Ummeli kaNksz Sokhulu, uMnuz Roger De Jesus Cabrera, uvumile ukuthi uboshiwe wathi bebengakatholi ukuthi amaphoyisa athatheni kodwa bazokwazi emasontweni amabili ezayo.

Uthe ababoshiwe abanankinga bayaphila ezitokisini kodwa imindeni yabo ibingakaxhumani nabameli. Uma belahlwa ngamacala bangase bagwetshwe iminyaka ewu-10 noma udilikajele.