BAWOTHA ubomvu abazali ngothishomkhulu wesikole samabanga aphansi Umhloti esiseVerulam abamsola ngokucwasa izingane zabo okuthiwa uzibiza ngezimfene.
Kusuke esinamathambo abazali bezingane ezifunda kulesi sikole besho ukuzidla bazifele izikhulu zoMnyango wezeMfundo ezijutshwe uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, izolo emhlanganweni wabazali nezikhulu zalo mnyango obukulesi sikole obekuhloswe ngawo ukudambisa ulaka lwabazali njengoba bethi abamfuni nalapho ehambe khona uthishomkhulu oyiNdiya.
Kudingeke ukuthi kukhishwe abezindaba emhlanganweni ngesikhathi imimoya yabazali iphakama. INhloko ehhovisi loMqondisi eMnyangweni, uDkt Ngongi Mahaye, iphoqeleke ukuyalela abezindaba ukuthi balinde ngaphandle kwegumbi ebelinomhlangano ukuze uqhubeke ngaphandle kokwesaba.
Ngaphambi kokuqala komhlangano, uNksz Ntombifuthi Mpontshane, oyilungu lesigungu esilawula isikole, utshele Isolezwe ukuthi ngelinye ilanga ingane yakhe efunda kulesi sikole ifike ikhihla isililo ithi ibizwe uthishomkhulu ngemfene.
“Asimfuni kulesi sikole uthishomkhulu. UMnyango wezeMfundo wasifunza yena kangangoba njengamalungu esigungu esilawula isikole asikaze sithole ithuba lokwethula izincomo ngaye. Baqhamuke sebesethulela uthishomkhulu esingamazi nakumazi,” kusho yena.
Ngesikhathi umzali elandisa izintatheli ngokunganeliseki kwakhe ngezinto okuthiwa zenziwe uthishomkhulu ezinganeni, abanye abazali baveze izinkinga ezehlukene abathe zenziwa uthishomkhulu kulesi sikole. Babale ukushaywa kwabafundi nokuthi kunokuba kugxilwe ekufundiseni izingane ngesiNgisi noma isiZulu esiqondile, izingane zigcina sezikhuluma ulimi abalubize nge ‘Sifanakalo’ olukhulunywa ngamaNdiya uma ezama ukukhuluma ngesiZulu. Bathe lokhu kugcina kuphazamisa ukukhuluma isiZulu esiqondile.
Isolezwe lizwe ngomunye umzali emuva kokuphuma komhlangano okuthiwa udonse amahora amahlanu, ukuthi izikhulu zomnyango zithe zizobuyela kubazali ngoLwesibili ngesonto elizayo ngoba zithi bezisazokuzwa izikhalo emuva kokuthola imibiko ethi abazali bebevale amasango esikole.
“Uma umnyango ungabuyi nento ephathekayo, sizoqhubeka nokwenza yonke imizamo ukuze uthishomkhulu ahambe. Umnyango ubusikhohlisa lolu daba siluqale ngoMashi kodwa namanje uthi awulwazi,” kusho umzali.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, ucele ukuthi abazali baluyekele eMnyangweni wezeMfundo udaba ukuze uphenye.
“Kuyadumaza ukuthi kube abazali abaphazamisa ukufunda kwezingane zabo. Ukuphazamiseka kwezingane kungaba nomthelela ongemuhle enganeni noma isemabangeni aphezulu,” kusho uMahlambi.