UMNDENI wowesifazane ogencwe wabulawa ekuqaleni konyaka eNdukende, eKranskop, uthi awumdingi ngaphandle umsolwa.
UNksz Nonhlanhla Bhekisile Sibiya (36) ushonele esibhedlela eNtunjambili, ngoJanuwari 1, emva kokuba ephuthunyiswe khona kade ’egencwe’ wubaba wezingane zakhe ezimbili ngegeja.
Udadewabo kamufi, uNksz Thembelihle Sibiya (32), utshele Isolezwe ukuthi ngosuku lwesigameko, umufi nomsolwa babekade behleli namanye amalungu omndeni kamsolwa kujatshulelwe uncibijane.
Uthi emva kwalokho wonke umuntu wasuka wathi useyolala, yilowo nalowo wabheka endlini yakhe.
Uthi emva kwemizuzu engu-30 kuhlukenwe, abakubo kwamsolwa bezwa kukhala into kabili, kungathi kukhona umuntu ogawula okuthile.
Uthi akuphelanga sikhathi esingakanani kwezwakala usana lukamufi lusho phezulu ngengila.
Uthi kwavuka umfowabo kamsolwa wayobheka ukuthi ingabe ingane ikhaliswa yini?
“Uma efika endlini kamsolwa, engqongqoza emnyango embuza ukuthi kwenzenjani? Ingane ikhalelani? Umsolwa waphendula ngokuthi akazi ngoba umama wayo ulele,” kusho uNksz Sibiya.
Uthi umfowabo kamsolwa wayalela umsolwa ukuthi avule umnyango ukuze ezovusa umama wengane ayithulise kodwa umsolwa wala.
Uthi umfowabo kamsolwa wasiphusha ngenkani isicabha, sagcina sizivulekela, maqede wanikela embhedeni lapho okwakulele khona umufi.
Uthi umfowabo kamsolwa wazama ukumnyakazisa umufi kodwa lutho ukuvuka.
“Uthi wavele wambula ingubo ayesembozwe ngayo udadewethu, wabona egcwele igazi umzimba wonke enganyakazi. Uthi nengane nayo yayigcwele igazi, ikhala. Uthi wahosha ingane wayiyisa kugogo wayo kwenye indlu maqede washona endlini yakhe wayolanda induku, wabuya nayo wazomdinda umfowabo, embuza ukuthi umhlaselelani unina wezingane?” kuchaza uNksz Sibiya.
Uthi yilapho okwavuka khona wonke umuntu weza endaweni yesigameko, kwamenyezwa nomakhelwane, nabo abafika bamfaka induku umsolwa.
Uthi kwatholakala imoto eyaphuthumisa umufi esibhedlela kodwa wafike washona emuva kwamahora ambalwa.
“Umsolwa usasesibhedlela namanje ngoba naye walimala impela ngesikhathi eshaywa. Kodwa esikulindele ukuthi uma elulama lapho, ahambe ayofakwa kwesimnyama isisele ngoba nathi asimdingi la endaweni. Ngisho nomphakathi imbala awumdingi,” kusho uNksz Sibiya.
Uthi umufi ubenazo ezinye izingane ezimbili ezindala bese kuba nezikamsolwa.
Uthi ubudlelwano babo bebuneminyaka elinganiselwa kwemithathu kodwa bebubonakala ukuthi bunobungozi.
“Useke wamshaya izikhathi ezimbili waze wabuya esibhedlela udadewethu. Lokhu bese kungokwesithathu, kanti usezovele ambulale,” kusho uNksz Sibiya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokubulala elivulwe esiteshini samaphoyisa aseKranskop.
“Owesilisa oneminyaka engu-29 waboshwa. Uvelile eNkantolo yeMantshi yaseKranskop ngoJanuwari 4. Bekulindeleke ukuthi avele futhi enkantolo efanayo ngoJanuwari 17,” kusho uLt Col Gwala.