RAPULA MOATSHE
ZONKE izitshudeni ezizobhekisa amabombo azo eTshwane ukuyokwenza unyaka wazo wokuqala ezikhungweni zemfundo ephakeme, kuzofanele ziqaphele izigebengu ezisondela eduze kwezikhungo zokufunda ngenhloso yokwenza ubugebengu.
Lesi isexwayiso esikhishwe yinhlangano yamatekisi, iSouth African Taxi Council (Santaco) eTshwane.
Le nhlangano ikhiphe lesi sixwayiso ngesikhathi yethula ngokusemthethweni okokuqala umkhankaso wokuxwayisa izitshudeni zasezikhungweni zemfundo ephakeme ngobugebengu obenzeka uma kuzobhaliswa.
USihlalo weSantaco eTshwane, uMnuz Abner Tsebe, uthe igatsha labo lisungule umkhankaso obizwa ngokuthi i-Tlhokomela, okungukuthi qaphela.
“Kunabantu abalokhu bezulazula emgwaqweni bezama ukugebenga izitshudeni ezikhungweni zemfundo. Ezinye zezitshudeni zigetshengwa imali. Yingakho sithe asisungule wona ukuze siziqwashise, zazi ukuthi kunobugebengu obufana nalobu edolobheni,” kusho uTsebe.
Uthe bengosomatekisi basebenzisana namaphoyisa.
Ebuzwa ukuthi bahlela ukuqinisekisa kanjani ukuphepha kwezitshudeni, uthe: “Sinezimoto ezizolokhu zehla zenyuka esizimisele ukuthi siziphendule zibe yizimoto eziqapha ukuthula. Sifuna ukuxoxa nohulumeni, simcele ukuthi anikezele ngosizo lokucija amakhono alabo abazosebenza njengabaqaphi kulo mkhankaso.”
Uthe izindawo lapho okuvame ukudlanga khona ubugebengu bokubanjwa kwezitshudeni inkunzi ingase-Unisa kanjalo naseTshwane University of Technology (TUT).
Uthe phakathi kwezinye zezinto izitshudeni eziphucwa zona amaselula nemali.
Uphethe ngelithi, okunye abahlele ukukwenza ukuthi bavakashele izikhungo zemfundo ephakeme ezahlukene, behambe beshumayela ivangeli lokuthi izitshudeni ziqaphele.
“Sizophinde sixoxe nazo izikhungo zemfundo ephakeme ukuthi uma zibona izimoto zethu zokuthula zehla zenyuka, zingazixwayi,” kusho uTsebe.