IGCAGCELE esokeni kosomatekisi abazohlomula ngoR5 000 umuntu emunye, okuwuxhaso oluzophuma kanye lokubasula izinyembezi emva kokukhahlamezeka kwale mboni kubheduka igciwane iCovid-19.
UNgqongqoshe wezokuThutha kuleli, uMnuz Fikile Mbalula, umemezele imali enguR1.135 billion yohlelo iTaxi Relief Fund okuqala namuhla ukufakwa kwezicelo zalo.
Kuzohlomula osomatekisi nabezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile kanti bavalelwe ngaphandle abeBolt nabaka-Uber.
UMbalula ukusho lokhu esithangamini sabezindaba nobuholi bemboni yamatekisi kuzwelonke emahhovisi eNational Empowerment Fund, eMorningside, eGoli.
Wethule nesikhungo esizokwamukela futhi sicubungule izicelo zosomatekisi abadinga uxhaso lwale mali.
Ofaka isicelo kumele abe nomazisi noma incwadi emgunyaza ukuba kuleli, izincwadi ezigunyaza ukusebenza futhi kube obhalisiwe kwaSARS.
Izicelo zifakwa kwi-website yomnyango ethi: www.transport.gov.za noma bashayele enombolweni yamahhala yocingo ethi: 0800 201 971 noma bathumele iSMS enombolweni ethi: 45864.
Ngesikhathi kubheduka iCovid-19 uhulumeni wakhipha umyalelo othi amatekisi awalayishe uhhafu wesibalo sabagibeli, washintsha ngokuhamba kwesikhathi wathi awalayishe u-75%.
Abemboni bagcina sebewushaya indiva lo myalelo, bayilayisha igcwale itekisi.