SIMPHIWE NGUBANE
ABEMBONI yamatekisi KwaZulu-Natal bakhala ngobuncane bemali engu-R1.135 billion ezocazwa, kukhokhelwe usomatekisi ngamunye kuleli uR5 000 wesibonelelo emva kokukhahlamezeka kwaleli bhizinisi kubheduka iCovid-19.
Izinhlangano zamatekisi okuyiSouth African National Taxi Council (Santaco) neKwaZulu-Natal Taxi Alliance (KZNTA) zithi ibhizinisi libheke eweni futhi uR5 000 ngeke ulitakule.
UNgqongqoshe wezokuThutha kuleli, uMnuz Fikile Mbalula izolo wethule uxhaso iTaxi Relief Fund oluzotholwa kanye usomatekisi ofake isicelo.
UMbalula ubekhuluma eseMorningside, eGoli emahhovisi eNational Empowerment Fund lapho kunesikhungo esizokwamukela izicelo zosomatekisi bese siyazicubungula ngaphambi kokuthi uhulumeni akhokhe.
UMnuz Msawakhe Maphumulo ongusihlalo we-KZNTA, uthe okushiwo nguMbalula akusafani ncamashi nababekade bekukhulume naye.
Uthe ezingxoxweni kwakuphakanyiswe ukuthi bahlomule abashayeli bamatekisi okuyibona ekade besekhaleni lempi yeCovid-19 behla benyuka bethutha abagibeli.
“Ayanele le mali, incane kakhulu uma uyiqhathanisa nezindleko esingene kuzona kusukela kubheduka iCovid-19. Sizowuthatha loR5 000 yize ungeke wenze mehluko. Abaholi bemboni bazoqhubeka banxenxe uhulumeni ukuthi azikhuthuze amaphakethe ukuze asibonelele ngokuzayo,” usho kanje wathi kubongwa okuncane nokukhulu.
UMnuz Mdu Makhunga ongumkhulumeli weSantaco KwaZulu-Natal, uthe ayibajabulisi neze le mali athe incane kodwa bazokwamukela abanikwa khona.
Ubalule ukubheduka kweCovid-19, ukudlelwa izimoto ngamagaraji nokutatshwa kwezitolo okwenzeke noJulayi 2021 ukuthi ziguqise imboni yamatekisi.
“Sisekhona isilonda ngoba imboni yamatekisi ixhaswe kancane uhulumeni uma kuqhaniswa noxhaso olunikwe ezinye izimboni. Asijabulile ngemali esinikwe yona, incane kakhulu.
Ofaka isicelo kumele abe nomazisi noma incwadi emgunyaza ukuba kuleli, incwadi egunyaza ukusebenza (operating permits) futhi kube obhalisiwe kwaSARS.
Izicelo zifakwa kwi-website yoMnyango ethi: www.transport.gov.za noma bashayele enombolweni yamahhala yocingo ethi: 0800 201 971 noma bathumele iSMS enombolweni ethi: 45864.
UMbalula uthe inhlolovo yabeStats SA yango-2020 iveze ukuthi bangu-11.4 million abantu abasebenzisa amatekisi eNingizimu Afrika. Uthe u-80.2% wabahamba ngamatekisi abasebenzi. Uhulumeni uthi okulindeleke bakhokhelwe usomatekisi nomnikazi wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile (metered taxis), abakoBolt no-Uber bavalelwe ngaphandle
Emva kokubheduka kweCovid-19 ngoMashi 2020, uhulumeni wakhipha umyalelo othi amatekisi awalayishe uhhafu wesibalo sabagibeli, washintsha ngokuhamba kwesikhathi wathi akalayishe u-75%.