BAFUNA kungenelele amaphoyisa abakusoseshini wamatekisi osebenza eBallito namaphethelo, kubhilita abamaveni, okuthiwa bathutha abagibeli ngokungafanele, babayise ezindaweni okwakhiwa kuzona.
Ngokusho kokhulumela lo soseshini, iDolphin Coast, uMnuz Richard David, lo mkhuba usunesikhathi wenzeka emalokishini akhele iBallito neKwaDukuza.
Uthe basuke beya ezindaweni ezifana neTinley Manor, Sherfield nakhona eBallito.
Uqhube wathi abamaveni balayisha inqwaba yabantu bese besenga ezimithiyo bathi abasebenzi babo.
“Isikhathi esiningi uma silandelela, sithola ukuthi osomathuba laba, abangahlanganise lutho nomsebenzi waleyo ndawo, abasuke bethi kuyosetshenzwa kuyona,” kusho uDavid.
Uthe okunye abakutholayo kubo laba abagibeli uma bekhuluma nabo ukuthi amaveni ayabakhokhisa ngokubalayisha.
“Kuvela ukuthi abakhokhisa imali encane kunaleyo ebizwa abamatekisi,” kusho uDavid.
Uthe lo mkhuba ulimaza umsebenzi wabo bengosomatekisi futhi uphambene nomthetho.
“Thina umzila siyawuthelela, bona abawutheleli kodwa nabo benza umsebenzi wokulayisha abantu,” usho kanje.
Udalule ukuthi abamaveni bathutha abagibeli ngaphansi kwezimo ezingezinhle.
“Ufica iveni ilayishe abantu abayisibalo esilingana nesilayishwa itekisi, kokunye kube ngaphezulu. Uma kungenzeka ingozi, kungaba yinhlekelele,” usho kanje.
Uveze ukuthi omunye usoseshini okhahlamezekayo ngalokhu, owaKwaDukuza.
Unxuse amaphoyisa ukuthi alusukumele phezulu lolu daba ngoba uma lusukunyelwa yibo baqanjelwa amanga, kuthiwe basebenzisa indlakadla.
“Uma sibamisa, sibuza ukuthi kungani benza lokhu, sizwa sekuthiwa sesibikwe kwabomthetho ukuthi ‘sihlukumeza abagibeli’, okuyinto engelona iqiniso,” kusho uDavid.
Uthe ababona kungalekelela ukuthi amaphoyisa anze izivimbamgwaqo emigwaqweni eholela kulezi zindawo, bese ebathathela izinyathelo azobabhadama benza lo mkhuba.
Uveze ukuthi emasontweni ambalwa edlule, bahlangana noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, kwadingidwa lolu daba.
"UMkhwanazi wathembisa ukuthi uzokhuluma nabaseziteshini zamaphoyisa ukuze babheke isimo kulezi zindawo, kubalwa nokuba nezivimbamgwaqo kodwa namanje asikakuboni lokhu kwenzeka," usho kanje.