AMAQEMBU aphikisayo akhwele adilika kuMengameli Cyril Ramaphosa ngenkulumo yakhe ayithulele isizwe, bethi izethembiso ezingathi shu.
Izolo, ePhalamende amalungu athole ithuba lokuphawula ngenkulumo kaRamaphosa ayethule ngoLwesine ngeledlule.
Abaholi be-DA ne-EFF bashiye abangalazi begxeka uRamaphosa ngokuthi akayazi into ayenzayo, futhi eminyakeni emithathu ephethe izwe liyamehlula.
USotswebhu we-ANC ePhalamende uNkk Pemmy Majodina, oqale ukukhuluma uthe inkulumo kaRamaphosa ikhombe indlela okumele elakuleli lihambe ngayo.
“Siyi-ANC sifisa ukuncoma abasebenzi bezempilo abasekhaleni lokulwa negciwane i-Corona. Sincome nenkulumo kamengameli ngeledlule, ebikhuluma ngqo ngezinhlelo zonke ezenziwe ukulwa nalo. Sihambisana nomengameli kwelokuthi abantu abantshontsha imali yabakhokhintela ababoshwe, baphucwe umcebo wabo abawuthole ngokweba. Akekho owe-ANC oke watshelwa ukuba avikele umuntu oyisela. Wonke umuntu onenkohlakalo, uyozimela yedwa, abhekane namacala. Siyi-ANC yingakho siseka ikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana,” kusho uNkk Majodina.
Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen, uthe inkulumo kamengameli ibigcwele izifiso ezingabambeki.
“Eminyakeni emithathu kuhola uRamaphosa, ubehlezi ezosixoxela ngezifiso zakhe. Kulokhu besithemba ukuthi uzosho okungcono kodwa ke inkulumo yakhe ibifana neka-2019 no2020. Besilokhu sithenjiswa ukuthi inkohlakalo izoqedwa, izinto zizoba ngcono kwa-Eskom. UMengameli ulokhu esitshela ukuthi lezi zinto uyazicabanga, zisohlwini lwezinto azozenza. Usitshela ngamathuba emisebenzi, usekhuluma into ebesilokhu siyisho siyi-DA ukuthi lokhu kulele ezinkampanini ezizimele. Yize kunjalo kodwa yena futhi neqembu lakhe abawaseki amabhizinisi asafufusa ngendlela. Umengameli uphinde wathi kugqugquzelwe ezolimo kodwa yena futhi uthi akuphucwe abalimi umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Inkulumo yakhe ibigcwele izethembiso ezingafezeki, igcwele izinkondlo, zinhle izinkondlo kodwa lezo zinkondlo azithi shu uma zingasho lutho ngesimo sezwe,zingabasizi ngalutho abantu,” kusho u-Steenhuisen.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zwelini Mkhize yena uthe bayameseka uRamaphosa ngezinhlelo zokulwa neCorona. Uncome inkulumo kaRamaphosa wathi iyalakha izwe.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, uthe umengameli uyisahluleki.
“Sekuyiminyaka emithathu uphethe kodwa awukenzi lutho olubambekayo. Selokhu wathatha izintambo abantu bakuleli ikakhulukazi abasha balahlekelwa imisebenzi. Ngaphansi kobuholi bakho inkohlakalo idla lubi. Ukudliwa kwemali yokulwa neCovid yikhona okwenza sibone ukuthi inkohlakalo iyakwehlula, awukwazi ukuyilawula. Izinkampani zabamhlophe izona ezidlayo kumathenda kahulumeni,” kusho uMalema.
UMalema uthe uRamaphosa wafakwa abamhlophe esikhundleni futhi namanje ubhekelela bona kunoma abhekele abantu abamnyama.
Kuke kwaba nomsindo amalungu e-EFF efuna kuvunyelwe uMalema ukuba aqhubeke akhulume njengoba ebenemizuzu engu-42, kwazise abeqembu lakhe bavume ukuba kube uyena yedwa ozokhuluma.
Umholi we-IFP inkosi uMangosuthu Buthelezi uthe: “Umengameli ulokhu ekhuluma ngokuthi izinto zizoba ngcono, umbuzo uthi nini? Wonke umuntu oshonile, kunomuntu owenze inkohlalalo onomthelela ekufeni kwakhe. Sinenkinga enkulu kuleli yenkohlakalo. Abantu bethu bafuna imigomo. Zonke ezinye izinhlelo zika-2020 zibekwe eceleni kodwa impilo yabantu kumele iqhubeke, abantu basaxakekile. Abantu balahlekelwe imisebenzi, njengoba kuqhubeka kuba nothaqa, abantu abazi kuzokwenzekani. Kunenkinga yokungenzi izinqumo ngomnotho wethu, njengoba sizithole kule nkinga. Ziningi ezinye izinto okumele zilungiswe, okubalwa nodaba lodlame lwe-IFP ne-ANC okumele kuxoxwe ngalo. Ngoba ngifuna ngelinye ilanga uma sengishona, ngiphumule ngokuthula,” kusho uButhelezi.