INHLANGANO yabahlali basemahostela, Ubunye bamaHostela, isiziqhelelanisile nezinsolo zokuthi iyingxenye yabahlela ukuyoziphindiselela emaNdiyeni asePhoenix, asolwa ngokusoconga abantu abamnyama ngesikhathi kuqhubeka izibhelu.
Okhulumela Ubunye bamaHostela, uMnuz Mthembiseni Thusi, uthe amahostela awasiyona ingxenye yalaba bantu okuthiwa bahlela ukuyohlasela ePhoenix.
UThusi ubekhuluma emva kokusabalala komyalezo ezinkundleni zokuxhumana, obuthi kuzonxenxwa abahlali basemahostela ukuba babe ingxenye yombhidlango wokuba kukhululwe ejele owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma, odonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ejele eliseMtshezi, ngecala lokwedelela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.
Lo myalezo uqhuba ngokuthi abayingxenye yalo mbhidlango bazokwenza isiqiniseko sokuthi kuba khona ubulungiswa ngokubulawa kwabantu abamnyama ePhoenix.
UThusi uthe bona kabahlangene nalo mbhidlango ohlelwayo.
“Siyaziqhelelanisa nalokhu osekusabalale ezinkundleni zokuxhumana okuthi kuke kwaba nomhlangano obuseThekwini, lapho bekubhungwa khona ngesibhicongo esenzeke ePhoenix, nokukhululwa kukaMsholozi ejele.
“Siyafisa ukusho ukuthi njengoBunye bamaHostela siyaziqhelelanisa, ayikho imibhidlango esoke sibe ingxenye yayo yokuthi kushaywe amaNdiya noma kukhululwe uMsholozi. Siyayazi thina into esiyimele. Asiyona ingxenye yale nto eshiwoyo.”
UThusi uphinde wazwakalisa ukuzwelana nalabo abalahlekelwe yizihlobo zabo ePhoenix, ngesikhathi kuqhubeka izibhelu.
Ngokwezibalo zakamumva, bangu-38 abantu abashone ngesikhathi kunezibhelu ePhoenix, Verulam naseNanda.
UThusi unxuse labo abanolwazi olungaholela ekuboshweni kwabenzi bobubi ukuba babikele amaphoyisa.