EMUVA kokushiya izethameli zibheme zakholwa kwiToronto Film Festival eCanada, ifilimu edidiyelwe wumsakazi u-Anele Mdoda, usomahlaya uTrevor Noah kanye noFrankie Du Toit, izokhonjiswa okokuqala emabhayisikobho akuleli kusukela ngoJulayi 25. Le filimu, esihloko sithi Don't Let's Go To The Dogs Tonight, igabe ngabalingisi abanohlonze okubalwa kubo uZikhona Bali obengu-Asanda kwiDiepCity noZiyanda kwiMfolozi Street.
Omunye uFumani N Shilubana owaziwa kwiZama Zama, My Father's War nakuKalushi: The Story of Solomon Mahlangu kanye nosomahlaya uRob Van Vuuren osebuya kwiMandela: Long Walk To Freedom, The Devil's Mistress neSchuks! Your Country Needs You.
I-Don't Let's Go To The Dogs Tonight isuselwe encwadini edayise kakhulu eyalotshwa wu-Alexandra Fuller kodwa yaguqulwa ukuba wumdlalo ngu-Embeth Davidtz. Ngamafuphi le filimu ibheka ukuguquka kweZimbabwe isuka kuhulumeni wobandlululo, iba ngaphansi kukahulumeni wabantu abamnyama. Nakuba idingida ngomlando waseZimbabwe kodwa ishuthelwe eNingizimu Afrika.
Imayelana nomfana oneminyaka eyisishiyagalombili ogama lakhe nguBobo, okuyindawo elingiswa nguLexi Venter. UBobo wumfanyana okhulele epulazini laseZimbabwe, olwazi ukusuka nokuhlala usizi.
Umqondisi wale filimu u-Embeth, ongomunye wabalingisi, uqhathanise impilo yaseZimbabwe nokukhula kwakhe eNingizimu Afrika kusabhoke ubandlululo.
Uthe lolu daba uluxoxa ngendlela uBobo alubona ngayo njengoba esemsulwa kodwa enemibuzo.
"Le filimu iyangithinta kakhulu. Yangisiza ukubhekana nezinkinga zokukhulela eNingizimu Afrika eyayinobandlululo. Ngeso likaBobo, ngifuna ukuveza ukuthi phezu kwezinhlungu nobandlululo, kodwa uthando noguquko kuyenzeka," kusho u-Embeth. Le filimu edlala imizuzu ewu-98, ilandwa ngesiNgisi nangesiShona kuphela.