ABALELWA ku-232 amakhansela aKwaZulu-Natal angenazo izitifiketi zika-matric, okudala izinkinga uma sekufanele kwenziwe umsebenzi.
Lokhu kudalulwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ethula isabelomali ngoLwesine eMgungundlovu.
UNkk Dube -Ncube uthe kufanele lesi simo sifakelwe izibuko ngoba sidweba isithombe esingesihle ngokuphathwa komasipala. Uthe njengoba ethula isabelomali sikaR 1.6 billion, umnyango wakhe uzofingqa imikhono usebenze ngokuzikhandla ukwenza ngcono isimo somasipala.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ethula isabelomali ngoLwesine eMgungundlovu
Uthe lokho kufaka phakathi ukukuqeqeshwa kwamakhansela nabasebenzi njengoba esewonke amakhansela abalelwa ku-1 846 kodwa angu-234 ake alunguza esikoleni kodwa awukho umatric. Amane awakaze alubhade esikoleni bese angu-322 anawo umatric.
Uthe ngeke ayishiye ngaphandle indaba yezikhulu ezisezikhundleni eziphezulu kodwa zibe zingenazo iziqu ezifanele ukuphatha lezo zikhundla. Uthe umnyango kwesinye isikhathi uyaphoqeleka ukuzichitha izicelo zomsebenzi ngenxa yokuthi abazifakile abanawo amaphepha afanele namakhono.
“Sinqume ukuchitha izicelo eziyisikhombisa sachitha ezingu-33 zabafuna ukubamba ezikhundleni,’’ kusho uNkk Dube -Ncube etshela amalungu esishayamthetho sesifundazwe.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele uMnuz Bukani Mngoma uthe, amakhansela angafundile akhinyabeza ukusebenza kwemikhandlu.
“Cabange-ke uma sekufanele bafunde imibiko yezimali sekuduma upotiyane ngoba bazobe bengakwazi ukubona ukuthi kukhulunywa ngani. Imithetho ibhalwe ngesiNgisi okwenza kube nzima ukuyiqonda kahle,’’ kusho uMngoma.