IBANDLA lamaNazaretha elisembangweni wobuholi bebandla phakathi kwabaseThembezinhle nabaseBuhleni, lithathe isinqumo sokuthi lingaqhubeki necala lombango ebelizongena eNkantolo yoMthethosisekelo ngoLwesibili.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, abaseThembezinhle bebengagculisekile ngokuthi icala liqulwe kusetshenziswa ubuchwepheshe bemishini njengoba bekuvunyelenwe phambilini, ngenhloso yokuhlonipha imithetho kathaqa yokungahlanganisi abantu abaningi ndawonye.
Okhulumela abaseThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe abafuni kwenzeke iphutha ngaleli cala njengoba selisemaphethelweni.
“Inkinga ukuthi inkantolo iyakwazi ukuhlalela amanye amacala bukhoma, yingakho nathi sifuna elethu lihlale bukhoma. Ngenxa yokuthi kungokokuqala emlandweni wamaNazaretha ukuthi kube necala elifinyelela eNkantolo yoMthethosisekelo, asifuni kwenzeke iphutha.
“Ubuxhakaxhaka besimanje njengoZoom ebelizoqulwa ngawo ubuye ubenezinkinga ningazwani kahle. Sibone kuzosibeka engcupheni yokuthi kungathathwa isinqumo esifanele ngenxa yokungazwani kahle.
“Esinye isiphakamiso bekungesokuthi sithumele amaphepha kuphela enkantolo, bese ithatha isinqumo. Lokho sibone kungewona umqondo omuhle ngoba uma kunemibuzo inkantolo enayo izobe ingaphendulwa wumuntu. Besingafuni kube sengathi
sibagingqele abaseBuhleni ngoba siyazi vele sisazonqoba,” kusho uMthethwa.
UMthethwa uthe okwamanje abakabi nalo usuku oluzongena ngalo balinde kube yinkantolo enqumayo. Uthe bafuna ukuthi lithanyelwe ngabantu kube khona nabezindaba, wathi akubakhathazi ukulinda njengoba bekwaze ukulinda iminyaka eyisishiyagalolunye ukuthi lifike esiphethweni leli cala.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe, ukumisa leli cala kusho okunye kubona.
“Ngendlela esibuka ngayo kungenzeka ligcine lingaphelanga noma kuphenduke izinkomishi uma selingena enkantolo.
“Alikho icala lakwaShembe elake lafika kulesi sigaba elikusona manje yingakho sikholwa ukuthi kungenzeka okungalindelekile uma seliqulwa. Kungenzeka ababona bezonqoba bahlulwe ngomzuzu wokugcina, okuyinto abangayilindele,” kusho uMncwabe.
Lezi zinhlangothi ziphinde zaphawula ngehlaya elenziwe osomahlaya, Amawele aseChesterville, aqophe ivideo ebuza ukuthi kungani amaNazaretha engaphefumuli ngesikhangiso sakwaClicks, sokucwasa abantu abamnyama ngezinwele zabo.
UMthethwa uthe sebayilwa baphumelela impi yokucwaswa ngokwenkolo yabo yokugcina izinwele kanti nabamhlophe, abasenankinga. Uthe inkinga isezikoleni zabamnyama ngoba kukhona othisha abasagunda izingane zamaNazaretha.
UMncwabe uthe abanankinga ngokushiwo yilabo somahlaya kodwa ubona besabela ikhwela loNyazi lokuthi amaNazaretha awathande izinto zawo, njengoba bebethi kumele baphefumule ngalesi simo.