ABAKHIQIZI besiphuzo sikatshwala iSavanna sebewugxekile umkhuba obusabalele ezindaweni zobumnandi wakapakela nasezinkundleni zokuxhumana ngamaholidi kaDisemba nyakenye.
Bezigcwele kuzo zonke izinkundla zokuxhumana kuleli izithombe zabathandi beSavanna beyiphuza baze bayibeke emakhanda badanse nayo. Ngesikhathi umengameli Cyril Ramaphosa ememezela ukuthi buyavalwa utshwala, kunabantu ezinkundleni zokuxhumana abasola abathandi balesi siphuzo ngokuba nomthethelela esinqumeni esagcina sithathiwe ngotshwala bebalula ukuthi abantu beSavanna ababambeki.
Bephawula kulolu daba esitatimendeni abakwaSavannah Ciders bathe bayaziqhelelanisa nalo mkhuba.
“Ngeshwa emasontweni ambalwa edlule iSavanna imataniswe nomkhuba omubi othunaza isithunzi sesiphuzo ezinkundleni zokuxhumana. Lo mkhuba uqalwe abaphuzi futhi usebenzisa igama leSavanna kwi-hashtag (#savannachallenge) kodwa awuqalwanga yithi futhi asiweseki,” kusho imenenja yezokukhangisa kwaSavanna, u-Eugene Lenford.
“Sigqugquzela ukuphuza ngendlela eyamukelekile nokuthi abantu baqhubeke basithege (tag) uma befaka izithombe zabo bezijabulisa. Asikugqugquzeli ukuphuza ngokweqile kanye nokuziphathe ngendlela engakubeka engcupheni.”
AbakwaSavanna bathe basamile ekukhangiseni iziphuzo zabo njengoba buvaliwe utshwala kuleli njengokomgomo wesigaba sesithathu sikathaqa.