ABAKWA aSAA bathe bamise la mabhanoyi emuva kokuncipha kwabantu abahamba ngamabhanoyi ngenxa yeCoronavirus. Itumeleng English African News Agency (ANA) ABAKWA aSAA bathe bamise la mabhanoyi emuva kokuncipha kwabantu abahamba ngamabhanoyi ngenxa yeCoronavirus. Itumeleng English African News Agency (ANA)
I-SOUTH African Airways imise amabhanoyi
awu-162 okukhona kuwo awu-38 ahambela phesheya kwezilwandle nawu-124 ahambela emazweni ase-Afrika.
AbakwaSAA bathe bamise la mabhanoyi emuva kokuncipha kwabantu abahamba ngamabhanoyi ngenxa yeCoronavirus. I-SAA akuyona yodwa ephazamisekile ngenxa yeCoronavirus kodwa nezinye izinkampani zamabhanoyi zithikamezekile kwazise kwamanye amazwe akuhambi lutho.
Kuzokhumbuleka ukuthi e-Italy akuvumelekile amabhanoyi angenayo noma aphumayo kwazise abantu bakhona abawu-60 million bayalelwe ukuthi bazivalele emakhaya.
UMnuz Phillip Saunders, oyisikhulu esibhekelele ukusebenza kweSAA, uthe ukuncipha kwabagibeli yikona okubenze bamisa amabhanoyi athile.
Uthe amabhanoyi aqale ukumiswa ngoMashi 17 kuzoze kube wuMashi 31.
Amabhanoyi ahambela ezifundazweni ezihlukene zaseNingizimu Afrika azoqhubeka nokuhamba.
“Okubalulekile ukuthi abagibeli bazoqhubeka nokuhamba kodwa silwa kakhulu nokubhebhetheka kweCoronavirus. Sizolekelela abagibeli okufanele babuyele emazweni abo ngokushesha. Siyabalanda nabakuleli abakwamanye amazwe abafuna ukubuya ekhaya,” kusho uSaunders.
Ugqugquzele abantu ukuthi bafunde kabanzi ngemigomo yokuhamba kulesi sikhathi.
Abantu abakwaziyo ukumisa ukuhambela kwamanye amazwe okwamanje, uSaunders ubacele ukuthi benze njalo.
Uveze ukuthi abantu bavumelekile ukushintsha amathikithi abo ukuze bakwazi ukushintsha izinhlelo zokuhamba.
Eminye imininingwane itholakala ku-www.flysaa.com