Phambili uNksz Mbali Mngadi, uMnuz Sandile Mavundla noMnuz Bheki Mthembu. Ngemuva uDkt Meshack Radebe noMnuz Michael Mkhize oThongathi ePhalamende labakhubazekile Phambili uNksz Mbali Mngadi, uMnuz Sandile Mavundla noMnuz Bheki Mthembu. Ngemuva uDkt Meshack Radebe noMnuz Michael Mkhize oThongathi ePhalamende labakhubazekile
ABAKHUBAZEKILE sebecele uhulumeni ukuthi ashaye umthetho ozophoqa ukuthi kulandelwe ukuqashwa kwabo eNingizimu Afrika. Lesi sicelo basifake esethulweni sezikhalo zabo emhlangwaneni wePhalamende obe kusukela ngoLwesihlanu waphothulwa izolo oThongathi Sports Centre.
Izikhalo zabakhubazekile bezilalelwe nguDkt Meshack Radebe oyiPhini likaSomlomo esiShayamthetho eKZN, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, uMnuz Michael Mkhize onguSihlalo wabakhubazekile esifundazweni, noSomlomo wesiShayamthetho uNkk Lydia Johnson obephethe uhlelo.
UNkk Johnson uthe ukhona umthetho othi akuqashwe * -2% wabantu abakhubazekile kodwa wakhala ngokuthi kwawona u-2% mncane.
Uthe minyaka yonke kuba khona abantu abakhubazekile abaqeqeshelwa imisebenzi ehlukene.
‘’Ngithanda ukugcizelela ukuthi abantu bangabafihli abantu abakhubazekile ngoba kuyicala elibomvu ukwenze njalo.
Lezi zinkinga zivamise ukwenzeka ezindaweni zasemakhaya yingakho ngonyaka ozayo sizimisele ngokuphuma umkhankaso wokuvumbulula labo abafihliwe,” kusho uNkk Johnson
UNksz Mbali Mngadi(27) waseNdwedwe okhubazekile uthe akafundile ngoba wayexoshwa kuthiwa ukhubazekile futhi isikole sasingamamukeli umuntu
okhubazekile.