BAPHITHENE amakhanda abomndeni womfundi isidumbu sakhe esitholwe silengiswe emjondolo ongahlali muntu kwamakhelwane nalapho egcine ukubonakala edlala khona nezinye izingane, esigamekweni esenzeke KwaSithebe, eMandeni, ngoLwesine.
UMnuz Nathi Buthelezi, onguyise kaSiphesihle Mnqobi Buthelezi (9), obefunda esikoleni samabanga aphansi iLindayiphi KwaSithebe, uthe kunzima ukukholwa ukuthi indodana yakhe iyona ezilengise ngentambo njengoba kukhona abasola kanjalo.
Elandisa Isolezwe, uthe utshelwe ukuthi ngoLwesine ntambama izingane bezidlala kamakhelwane okuthe uma lezi ezinye ziphuma emjondolo ebezidlala kuwo, indodana yakhe yasala, nokulapho itholakale ilenga emuva kwemizuzu embalwa izingane ziyishiyile.
“Kuyashaqisa ukuthi ezinganeni ayikho eshoyo ukuthi kwenzakaleni, zonke zithi azazi? Kube yisikhashana nje ziyishiyile zabuya isilenga ngentambo ewumgibe wezingubo eboshelwe ophahleni lwalo mjondolo. Kuyadida ngoba ophaqa ngesikhathi ilenga ibisabagqokile okuyinto obekumele ngabe ikhumuke ngesikhathi iqhwisha,” kusho uButhelezi.
Uthe ngesikhathi efika ekhaya ephuma emsebenzini umzimba wendodana yakhe ubusashisa, wayiphuthumisa emtholampilo ezitshela ukuthi isaphila nalapho etshelwe khona ukuthi ayisekho.
“Namanje kusenzima ukukholwa ukuthi izilengisile kodwa sizolinda uphenyo lwamaphoyisa. Ngendlela okubuhlungu ngayo, kithina kusaduma amakhanda ngale nto esehlele,” kubalisa uButhelezi.
Uveze ukuthi nakuba engazi ukuthi ubani obengamenza into ebuhlungu kanje uma kungukuthi yenziwe umuntu, kodwa kukhona omakhelwane aseke wathusana nabo phambilini khona endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa eSundumbili.