WILLEM PHUNGULA
SIKHULU isililo kosonkontileka baKwaZulu-Natal abakhala ngokungakhokhelwa ngomsebenzi wokufaka amathange amanzi ezikoleni emva kokubheduka kweCovid-19.
Osonkontileka bathi sebephenduke incwadi engenakheli, eyehla yenyuka ingaziwa ukuthi izodilivwa kuphi njengoba engasekho ofuna ukuzihlanganisa nenkinga yabo.
Omunye wosonkontileka ocele ukuba igama ligodlwe, utshele leli phephandaba ukuthi sebezame bahluleka ukuthola imali yabo, ngakho-ke abasazi ukuthi kumele benzenjani. Uthe inkinga enkulu ababhekene nayo wukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ubakhomba kwa-Independent Development Trust (IDT) kodwa nayo le nhlangano ayiphumeli obala ukuthi ibhajwe kuphi imali.
Lo somabhizinisi uthi emva kokuvalwa kwezwe ngoMashi nyakenye, banikwa umsebenzi wokufaka amathange amanzi nezinye izivikela-magciwane ngaphambi kokuvulwa kwezikole kodwa kuze kube manje abakaze bayithole imali yabo.
“Akukho esingakwenzanga manje ukuthi sikhokhelwe ngokusebenza kwethu. Esikubonayo nje wukuthi sesiphenduke incwadi engenakheli yona engaziwa ukuthi izosiwa kuphi. Akekho ositshela iqiniso phakathi komnyango no-IDT,” kukhala lo sonkontileka.
Uthe bapatanisa bezama imali yokwenza umsebenzi njengoba kwase kuphuthuma kodwa manje sebebulawa indlala nezikweletu abazenza, abazi ukuthi bazozikhokha ngani. UNkk Nonhlanhla Khumalo wakwaIDT okunguye osonkontileka abathe babexhumana naye ngesikhathi befaka izicelo zomsebenzi uzihlangulile, wathi akubuzwe uMnyango wezeMfundo, yena ngeke akwazi ukuwukhulumela. Okhulumela umnyango wezemfundo uMnuz Muzi Mahlambi naye uzihlangulile, wathi bona bebeyikhasimende, akubona ababekhipha amathenda. Uthe kodwa ngoba umsebenzi wenziwa ezikoleni zabo bazongenelela bathole ukuthi ikuphi inkinga.