INDLU yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal ithi ngeke ibe yingxenye yamalungiselo okhetho lwemikhandlu yamakhosi, uma kusekhona abantu abangakakhokhelwa imali yabo.
Usihlalo wendlu esifundazweni, inkosi Phathisizwe Chiliza, ithe iqiniso eliphelele njengoba emva kokuhlangana ngoLwesihlanu wukuthi kabasiyo ingxenye yokhetho okukhulunywa ngalo ngoba kunezinto abaziphakamisa emnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kodwa ezingakaxazululwa.
“Okokuqala, sikhulume ngento elula esobala ethi amalungu omkhandlu amadala, amanye aneminyaka emine kuya kwemihlanu angazitholi izibonelelo zawo, mawaqale akhokhelwe ngaphambi kokuba kukhulunywe ngendaba yokhetho,” kusho uChiliza.
Uthe ukubhalisa nazo zonke izinto okukhulunywa ngazo kabanayo inkinga nakho kodwa kakukho lapho bengena khona.
UChiliza uthe kade baqala ukukhuluma nomnyango ngokungakhokhelwa kwamanye amalungu emikhandlu yamakhosi.
“Lolu daba silukhulumile ngaphambi kokuthi kuphele unyaka odlule, savumelana, sachazelwa ukuthi kuzothi uma kuqala uJanuwari bese kuphothulwa yonke into ethi kukhona amalungu angakhokheliwe ngoba bayawazi, baze basho ukuthi bekunesimo esithile ebesidala inkinga phakathi komnyango neThala, okuyilo obekumele likhokhele amalungu,”kusho uChiliza.
NgoLwesihlanu ungqongqoshe womnyango uMnuz Sipho Hlomuka ubize isithangami sabezindaba, waveza ukuthi konke sekumi ngamalungiselo okhetho lwemikhandlu yamakhosi.
Kodwa uChiliza uthi kayikho into emi ngomumo uma kusenamalungu emikhandlu yabo engakhokheliwe.
“Mhlawumbe basho ngasohlangothi lwabo ukuthi konke kuhamba kahle, thina asikwazi lokho,” kusho uChiliza.
Okhulumela umnyango esifundazweni, uNksz Nonala Dlamini, uthe okwamanje kazikho azikhalo abasazitholile, wengeza ngokuthi ngokwazi kwabo konke kuhamba kahle.
Uthe ukhetho lwemikhandlu yamakhosi kulindeleke ukuthi lube ngoFebhuwari 29.
“Okwamanje kusematasa nohlelo lokubhalisa kwalabo abafuna ukuvota,” kusho uNksz Dlamini.