Imifaniswano yesikole. Isithombe: Simone Kley
BONISWA MOHALE
INHLANGANO elwela abathandana nabobulili obufanayo ifuna abafundi badedelwe bagqoke umfaniswano wesikole abawuthandayo kungayi ngokuthi bayibuphi ubulili.
Ngokujwayelekile ezikoleni abafundi abangamantombazane kuthiwa abagqoke umfaniswano oyingubo noma oyisiketi bese abafana kuthiwa abagqoke amabhulukwe noma izikhindi.
Amaphephandaba ahlukene asebike ngabafundi abashiya isikole ngenxa yokugconwa wozakwabo uma begqoka amabhulukwe bengamantombazane noma befuna ukugqoka iziketi bengabafana.
Muva nje kubikwe ngomfundi womfana (17) oshiye isikole ngenxa yokugconwa nguthisha obehlale ethi abathandana nabobulili obufanayo kufanele babulawe futhi imishado yabo ayibusisiwe. Lo mfana kuthiwa ubefuna ukugqoka umfaniswano othathwa ngokuthi ngowamantombazane.
Omunye wesifazane oneminyaka ewu-12 eWestern Cape ubehlaliswa e-foyer ngoba engafuni ukugqoka umfaniswano othathwa njengowamantombazane efuna ukugqoka amabhulukwe.
Omunye (12) ubejikiswa esikoleni kuthiwe akayogunda kahle ngoba isitayela abesigundile besimenza abukeke njengentombazane ethandana namanye amantombazane.
Umqondisi weDurban Gay & Lesbian Community Network, uNonhlanhla Mkhize, uthe abafundi kudala bekhankansela ukuthi abafundi bavunyelwe ukugqoka noma yimuphi umfaniswano kungakhathaleki ubulili babo.
“Sacela ukuthi abafundi bavunyelwe ukugqoka umfaniswano abawuthandayo. Abangaphoqwa ngokobulili ukuthi bagqoke kanjani. Abazibona njengabafana abavunyelwe ukuthi bagqoke kanjalo nabazibona bengamantombazane abavunyelwe ukugqoka kanjalo. Inqobo nje uma kungumfaniswano wesikole. Asisho ukuthi bafake okungekhona okwesikole kodwa sithi abagqoke umfaniswano ophelele wesikole kungayi ngokuthi bazalwe bewubulili obuthile,” kusho uNonhlanhla.
Uthe kuyabakhathaza ukuthi abafundi bagcina sebeshiye isikole ngenxa yokucwaswa ngokobulili bengavunyelwa ukuthi bagqoke umfaniswano ohambisana nabo.
Ikhomishini yokulingana ngokobulili iCommission for Gender Equality (CGE), ithe uMnyango weMfundo eyisiSekelo kufanele uqinisekise ukuthi odabeni oluthinta umfaniswano wesikole kuyashiwo ukuthi abafundi bangagqoka noma yimuphi kungakhathaleki ubulili babo.
Ithe izikole yindawo okufanele yamukele wonke umuntu ingacwasi abathandana nabobulili obufanayo.
UMnuz Javu Baloyi okhulumela iCGE uthe ngeke bakubekezelele ukucwaswa kwabafundi abathandana nabobulili obufanayo baze bakhishwe inyumbazane esikoleni.
Esitatimendeni uthe umthetho othinta umfaniswano wesikole awuluphathi udaba lwabafuna ukugqoka abawuthandayo ngoba bengafuni ukugqoka ngokokuthi bangabafana noma bangamantombazane.
Uthe iCGE izolulandela lolu daba nezinhlaka ezihlukene ukuqinisekisa ukuthi amalungelo abathandana nabobulili obufanayo awahlukumezeki.