KUSOLWA ukushoda kukadizili ngokungabibiko kwamabhasi ezindaweni ezahlukene zaseThekwini.
Lokhu kulandela izikhalo zabantu abakhale ngokuthi amabhasi afika esegcwele kakhulu kokunye bagcine bengawatholanga kwakhona. Lawa mabhasi angaphansi kwenkampani iTansnat kuthiwa aseyidlanzana. Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa bekuhamba alinganiselwa ku-20 eNtuzuma, eMlaza naseRossburgh izolo.
Elinye lamalungu omphakathi, uNksz Mbali Mabaso waseMlaza, lithe izingane zalo ezimbili ezifundayo zigibela ibhasi. Lithe izolo kuphoqeleke ukuthi liboleke imali ukuze zikwazi ukugibela ziye esikoleni emuva kokuthi zingazange zilithole ibhasi eliya esikoleni.
UNksz Mabaso uthe ubone ibhasi ngezikhathi zasekuseni izolo watshela izingane ukuthi aziyothenga ithikithi leMuvo kodwa zathi uma sezilinde ibhasi langafika.
Omunye wabagibeli waseNtuzuma ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe kusuka ngoLwesihlanu bebenenkinga yokuthola amabhasi.
Uthe nabo babikelwe ukuthi okwenza amabhasi ashode ukungabibikho kukadizili.
Lo mgibeli ukhale ngokuthi yena nabanye abagibeli sebefika emuva kwesikhathi emsebenzini, abanye babo sebeze basayiniswa izincwadi zesexwayiso.
Naye ukhale ngokuthi kufanele aboleke imali uma engalitholi ibhasi ngoba imali asuke enayo usuke ethenge ngayo ithikithi lebhasi.
Umshayeli wamabhasi osebenzela edepho yaseMlaza igama lakhe eligodliwe ngoba esabela ukuhlukunyezwa, uthe izolo yena nabanye abazange baye emsebenzini ngoba batshelwe ukuthi udizili awukho. Uthe abazange bachazelwe ukuthi yini lena eholele ekutheni udizili ungabibikho.
Ngokusho kwakhe inkinga ikhona eMlaza, Rossburgh naseNtuzuma nasemabhasini aziwa ngoMynah ahambela eThekwini.
Kuthintwa uMasipala weTheku ucele ukuthi kuthintwe abakwaTansnat.
Isikhulu sakwaTansnat, uMnuz Fanie Joubert, sithe bayaxolisa ngezinkinga abantu asebehlangabezane nazo ngenxa yale nkinga.
Uthe akukhona ukuthi bebengenayo imali yokukhokhela udizili kodwa kube nemicikilisho obekufanele bayilandele ukuze bakhokhele inkampani ebahlinzeka ngodizili nokuholele ekutheni baphuze ukukhokha.
“Ngiyaxolisa kakhulu kubagibeli - angazi ukuthi ngingaxolisa kanjani kodwa sicela ukubazisa ukuthi le nkinga siyayilungisa nokuthi kusasa ( namuhla) isimo sizobuyela kwesijwayelekile,” kusho uJoubert.