ABAHLENGIKAZI basemtholampilo i-Oarkford ngaphandle kwaseVerulam osekuphele izinyanga ezintathu uvaliwe bathi ngeke babuyele kulo mtholampilo zingaqinisiwe ezokuphepha kuwona.
Abahlengikazi balo mtholampilo sekunezinyanga ezintathu bengayi kulo mtholampilo bethi bazibona bengaphephile, kulandela ukudutshulwa kukazakwabo uNksz Mbalenhle Biyela owadutshulwa washona ngoMashi.
UMnuz Mandla Shabangu wenyunyana yabahlengikazi iDenosa, uthe akukhona ukudutshulwa kukaNksz Biyela kuphela okuholele ekutheni abahlengikazi bathi bazibona bengaphephile kodwa sekukaningi abahlengikazi beshaywa yiziguli zikhala ngokuthi abasebenzi. “Inkinga enkulu ababhekana nayo ukuthi azikho izinsiza kusebenza ezenele zokusiza isiguli, iziguli zihlala amahora amaningi zingaboni ukuthi abahlengikazi benzani, zize zidinwe zizitshela ukuthi abafuni ukusebenza. Ukudutshulwa kwalo mhlengikazi kunezele uvalo obeluvele lukhona kubahlengikazi, sathatha isinqumo sokuthi asisabuyeli kulo mtholampilo zingekho izinhlelo zokuphepha ezenziwe."
Uthe abahlengikazi balo mtholampilo ongaphansi kwesibhedlela Osindisweni batshalwe kweminye imitholampilo engaphansi kwalesi sibhedlela. “Akusijabulisi ukuthi kuvelwe umtholampilo ngoba isidingo sawo siyazi ukuthi sikhona kodwa asikwazi ukusebenza singavikelekile. Inkinga iqala ngokuthi esibhedlela Osindisweni abekho abaphathi, ayikho iCEO, akekho umphathi wakwandabazabantu, akekho umphathi wezimali, kukhona uNursing Manager okulindeleke ukuthi yenze yonke into yodwa okuyinto engeke yenzeke."
FUNDA:
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uyavuma ukuthi lo mtholampilo uvaliwe.
Owukhulumelayo uNksz Ncumisa Mafunda uthe: “Kuyiqiniso ukuthi ngenxa yezimo ezingaphezu kwamandla omnyango umtholampilo wase-Oakford usavaliwe okwesikhashana, abasebenzi bakhona basebenzela esibhedlela Osindisweni okwamanje. Umphakathi waziswa ngalokhu, futhi uzokwaziswa uma lezi izingqinamba sezixazululiwe. Umnyango udlulisa ukuxolisa emphakathini ngalesi simo."
UMbhishobhi uBheki Ngcobo okhulumela umphakathi obusizakala kulo mtholampilo uthe kuyaxaka ukuthi abahlengikazi bashiye umsebenzi ngoba bethi bayesaba, ekubeni nakwezinye izikhungo zikahulumeni ezifana nezikole nasemaphoyiseni kuke kwenzeke kubulawe umsebenzi kodwa akukaze kuvalwe.