ABAHLALA ezindaweni zomntakabani abafuni kwakhiwe eduze kwemizi yabo izindlu zesikhashana ezizokhoselisa abakhahlanyezwe izikhukhula.
Lokhu sekubambezele ukuthi bakhelwe izindlu zesikhashana abakhahlanyezwe izikhukhula ezishiye izinkulungwane zabantu zingenamakhaya KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Jomo Sibiya, ngesikhathi ethula isabelosezimali salo mnyango esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
USibiya utshele abebethamele inkulumo yakhe ukuthi umnyango usezingxoxweni nezinhlangano zabahlali ezinqabayo ukuthi bakhelwe izindlu zesikhashana abakhahlanyezwe izikhukhula.
“Bashaya phansi ngonyawo bathi ngeke kwakhiwe izindlu zesikhashana emhlabeni womasipala kanye nohulumeni oseduze kwemizi yabo. Sikhathazekile ngale simo njengoba sekubambezeleke izinhlelo zokulekelela abasale bengenamakhaya.”
Abahlali basezindaweni zomntakabani basaba ukuthi abazokhoseliswa eduze kwemizi yabo bazohlala unomphela kulezi zindlu zesikhashana.
Kepha uSibiya uthe abakhahlanyezwe yizikhukhula bebezohlala nje okwesikhashana kulezi zindawo.
“Abebekade befakwe ezindlini zesikhashana ezinyangeni ezedlule kwezinye izindawo sebeqalile ukunikezwa izindlu zangempela, sebesusiwe kwezesikhashana.”
USibiya uthe lo mkhuba wezakhamizi ezinqabayo ukuthi kwakhelwe abahlwempu eduze kwemizi yazo uyanda esifundazweni.
Uthe njengamanje babhekene nesimo esifanayo lapho abahlali baseLincon Meade, eMgungundlovu, benqaba ukuthi kwakhiwe imixhaso eduze kwemizi yabo.
Umnyango uhlela ukwakhela abahlali basemijondolo yakwaJika Joe izindlu zemixhaso ezingu-1 000 kule ndawo.
USibiya uthe abahlali bakule ndawo bazwakalise ukuthi ukwakhiwa kwemixhaso kuzokwehlisa inani lezindlu zabo.
Kube nekhwelo lokuthi umnyango awuzame ukulwa nalo mkhuba.
Ilungu le-ANC, uNksz Vuyiswa Caluza, lithe kuyichilo ukuthi kukhona abadla izambane likapondo abangafuni ukuthi bakhelwe izindlu zesikhashana abakhahlanyezwe izikhukhula.
“Umnyango akufanele usivumele lesi simo. Kulesi sikhathi esiphila kusona ukufanele sivumele isimo esizosibuyisela emumva, ngaphansi kwemithetho kahulumeni wobandlululo.”