ABAFUNDI abebesola othisha ngokubafeyilisa babhodlele esikoleni basishisa kuvalwa izikole izolo.
Kugqamuke amalangabi esikoleni iZwelinjani Secondary esiseZwelibomvu esifundeni iPinetown. Kusolwa abafundi okuthiwa bebedinwe beqhuma benganelisekile ngemiphumela.
Kuthiwa umsindo uqale ngesikhathi benikezwa amaripoti sebesola othisha ngokubafeyilisa
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba ngaboMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNgqongqoshe uMnuz Kwazi Mshengu usigxekile isenzo sokushiswa kwesikole.
“Sicela abafundi ukuthi bangaxazululi izinto ngodlame nangokucekela phansi izikhungo zikahulumeni uma kukhona lapho benganelisekile khona,” kusho uMshengu.
Uthe umnyango ngeke wakhe kabusha isikole esishiswe ngamabomu.
Kuthiwa izinto ezishisiwe yihhovisi likathishanhloko, ikhishi negumbi okuhlala kulo othisha.
Abezimo eziphuthumayo bazamile ukunqanda ukubhebhetheka komlilo.
Inhlangano yabafundi iCosas, ikugxekile ukushiswa kwesikole.
IPhini likaMengameli weCosas, uMandisa Dlamini, lithe isenzo sabafundi sibi futhi siyafana nokuthi bashisa ikusasa labo.
“Le nto eyenziwe ngabafundi ayiyinhle neze. Uma bekukhona izikhalo abanazo ngemiphumela yabo bekumele baye ezinhlakeni ezifanele njengothishanhloko, isigungu esilawula isikole noma iCosas,” kusho uMandisa.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokucekela phansi esiteshini samaphoyisa KwaNdengezi.
“Kusolwa ukuthi iqembu labafundi libhodloze amawindi ngamatshe ngabo-11 ekuseni lashisa indawo lapho bekugcinwe khona izincwadi ezintsha. Amaphoyisa esiteshini saKwaNdengezi aphenya icala lokucekela phansi impahla,” kusho uColonel Mbele.