BAKHALA ngokulinda umnyama ongenafu abafelokazi babasebenzi base-Assmang Manganese, eCato Ridge, eThekwini, abashona ngesikhathi kwenzeka inhlekelele yokuqhuma kwebhodwe lensimbi eyedlula nemiphefumulo yabantu abayisithupha ngo-2008 nosekuyiminyaka ecela eshumini.
Laba bafelokazi bakhala ezimathonsi bathi babulawa yindlala, nezingane zabo zibhuquza emakhaya abakwazi ukuzingenisa ezikoleni.
Bathi okubuhlungu ukuthi kwaba nesethembiso sokuthi bazonxeshezelwa ngokufa ngesihluku kwabayeni babo kodwa lutho. Bakhala ngokuthi sebesaba nokuya khona ukuyobuza ngoba ngesikhathi begcina ukuya, bakhaciswa okwezinja, babizelwa amaphoyisa ababutha ayobagquma esitokisini.
Omunye wabo uNkk Sbongile Tenza, ongumfelokazi kaMnuz Linnus Tenza owanesithembu washiya izingane ezingu-15, uthe kuyisihluku okwenzeke kubona.
“Angikaze ngithole lutho usizi lodwa ekhaya ngoba sasibabili kubaba, sasala nenqwaba yezingane esingazazi sizozithini. Kwaze kwafika ngisho uMnuz Patrice Motsepe owayengomunye wabaphathi kule ngozi washo ukuthi sizokhokhelwa,’’ kusho uNkk Tenza ngosizi.
UNkk Thembekile Mlaba ongumfelokazi kaMnuz Joseph Mlaba uthe umyeni wakhe wayeseneminyaka engu-24 esebenzela le nkampani kodwa wanikwa uR6 000 kwaphela kanjalo.
Imenenja kule nkampani uMnuz Paul Botha ephendula ngalezi zinsolo uthe bayamangala uma kuthiwa abakhokhelwanga abafelokazi ngoba lolo hlelo kwedlulwa kulona.
“Kunesikhwama esasungulwa iFurnace Accident Fund esasibhekene nale ngozi, futhi bonke okwakufanele bahlomule babizwa bachazelwa basho ukuthi banelisekile. Umsebenzi waleso sikhwama wenziwa waqedwa, konke kwahamba ngendlela,’’ kusho uBotha.
Uvumile ukuthi sebeke bafika abafelokazi bezokhala kwazibizwa amaphoyisa ngoba kwakuphazamiseka ukusebenza.
Uthe bayaqhubeka nokuxoxisana nezinye izinhlaka njengobuholi bendabuko ukulungisa isimo.