USESABA ukuya esikoleni umfundi waseNanda oneminyaka eyisithupha okusolwa ukuthi unukubezwe ngabanye abafundi esikoleni.
Unina womfana ofunda ugrade 1, Esikhululiwe Primary, eMatendeni, eNanda uthe indodana yakhe ayisafuni ukuya esikoleni futhi usehlale eyiphelezela uma iya ethoyilethi.
Okumkhathaza kakhulu wukuthi uthishanhloko uthi asikho isidingo sokuthi abafundi abasolwa ngokunukubeza ingane yakhe bajeziswe okudingekayo wukuthi abazali bahlale baxoxe.
Uthe umhlangano wokuqala ubuyizolo kodwa kufike umzali oyedwa omunye kuthiwe uyasebenza.
“Iyangixaka le nto ngoba ingane yami iphazamisekile, isiyesaba nokuya esikoleni, yena ubona ukuthi kumele kuxoxwe kuphela alukho nohlelo athi luzokwenziwa lokuthi kukhulunywe nezingane. Ngibona sengathi into akhathazeke ngayo yigama lesikole, emhlanganweni akazange asibize isigungu sesikole (SGB) ukuthi sizolalela. Manje ukubonisana okunjani lokhu okwenziwa isikhekhelembana ingekho iSGB. Uyabonakala ukuthi uyithatha kancane kanti idala umonakalo enganeni yami. Ngiyamangala uma nasemaphoyiseni sekuthiwa icala angilivulanga ekubeni ngalivula, kwaba yibo abangithumela esibhedlela,” kuchaza unina wengane.
Uqhube wathi ubone ngoLwesithathu oludlule ukuthi ingane yakhe inenkinga ngoba bese kungokwesithathu esontweni ikhala ngokuthi izinqa zibuhlungu ayifake umuthi wokuxubha. Ngosuku lwesithathu uthe bese ihamba kabuhlungu.
“Phambilini bengingaboni ukuthi kunenkinga, ngibone ngoba esehamba kanzima, esecela ukuphelezelwa njalo uma eya ethoyilethi ethi uyesaba kanti ubengenankinga. Uqale wathi uyesaba ukungitshela ngoba ngizomshaya wabuye wavuleleka washo ukuthi kunabafundi babafana bakaGrade 2 abamnukubezayo,” kusho yena.
Uqhube wathi ingane ithe abafundi bayikhumula izicathulo ngesikhathi sekhefu bazifake ethoyilethi ngesikhathi igobile icosha izicathulo noma amasokisi, bayehlise ibhulukwe, bayinukubeze.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe, uMnuz Scelo Khuzwayo, uthe lesi sigameko siyashaqisa. Uma senzekile ngempela sidinga ukuthi abazali bavuleleke kakhulu bakhulume nezingane zabo."
“Siwumnyango bewungakabikhona umbiko esiwutholile ngalesi sigameko. Sizosondela esikoleni sibone ukuthi singalekelela kanjani. Amaphoyisa nawo anezinhlelo zawo zokuhlumelelisa abafundi. Njengoba kunecala elivuliwe yiwona azobona ukuthi angenelela kanjani,” kusho uKhuzwayo.
Unina womfundi uthe uvule icala esiteshini eVela kodwa amaphoyisa athi ikhompyutha ayivezi ukuthi icala livuliwe, kungenzeka ukuthi ubikile kuphela.