AGWETSHWE iminyaka ewu-20 yiNkantolo yesiFunda yasoLundi amadoda amabili ngokudlwengula ngo-2018.
Inkantolo igwebe uBusani Msimango (36) noNkosinathi Mbuyisa (42) iminyaka ewu-20 umuntu ngamunye ngecala lokudlwengula ngoLwesihlanu. Inkantolo ithe abakulungele ukuphatha isibhamu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe owesifazane (26) wadlwengulwa ngo-Ephreli 2018 ngesikhathi esemcimbini wesintu esigodini saseMphothi, oLundi.
“Owesifazane kwabikwa ukuthi udlwengulwe amadoda angaziwa. Kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa oLundi, idokodo labe selidluliselwa ophikweni elibhekele udlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala aphathelene nocansi khona oLundi,” kusho uColonel Mbele.
Uthe abadlwenguli bathungathwa ngabaseshi okuthe makhathaleni baboshwa balahlwa ngecala kwaze kwaba bathola lesi sigwebo.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Khombinkosi Jule, usamukele isigwebo wathi sizothumela umyalezo ocacile kubahlukumezi nezephulamthetho.