ZIKHULA nsuku zonke izibalo zamantombazane adlwengulwayo amanye asuleleke ngegciwane lengculazi eThekwini.
Ziphezulu nezibalo zabakhulelwa besathomba abanye bahlukunyezwe ngokobulili. Lokhu kudalulwe izolo nguNkk Hope Ngobese, oyimenenja ophikweni lwezempilo kuMasipala weTheku, ngenkathi kwethulwa umkhankaso wokusiza amantombazane ehholo lomphakathi eMaoti, eNanda.
UNkk Ngobese uthe isimo simazonzo kanti inkinga imandla kakhulu eNanda, Ntuzuma naKwaMashu. Usho kanje kwethulwa umkhankaso iDREAMS, oyisifingqo samagama athi Determined, Resilient, Empowered, AIDS-free, Mentored and Safe.
Lapha kuhloswe ukunciphisa ukutheleleka kwentsha yesifazane eneminyaka ephakathi kuka-14 no-24 ngesandulela ngculazi, ingakhulelwa, ingahlukunyezwa futhi ifundiswa indlela efanele yokuziphatha.
Umkhankaso wethulwe iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda ephelezelwa uzime waseNingizimu Afrika, uShudufhadzo Musida nenkakha yomlingisi uLerato Mvelase obephethe uhlelo.
UKaunda uthe kumele avulelwe icala futhi aboshwe okhulelisa ingane encane. Uthe ayingavunyelwa indoda endala ukuthi ikhulelise ingane eneminyaka ewu-14.
Unxenxe imindeni ukuthi iyeke umkhuba wokugqiba ihlazo elenziwa ngamadoda akhokha inhlawulo yembuzi noma inkomo kodwa kumele aboshwe.
"Ingane yentombazane ayinqabe uma umuntu omdala eyishela ngisho ngabe uyiheha ngezinto. Ezinye izinkinga esinazo emphakathini zibangelwa uqhekeko olukhona emindenini esiphuma kuyona. Ingane yentombazane ayibuke umuntu wesilisa njengomvikeli, hhayi umhlukumezi. Babikeni abanihlukumezayo baboshwe," kusho uKaunda, eluleka izingane zamantombazane nomphakathi.
UShudufadzo unxenxe amantombazane ukuba azithande futhi azinakekele ngaso sonke isikhathi. Abafundi bamantombazane bezikole ezehlukene eNanda, abebethamele ukwethulwa komkhankaso, bakhale ngabesilisa abadala ababashelayo uma bebabona begqoke izimpahla ezimfishane.
Bathe bazizwa bengaphephile ngoba kuba khona abagcina benukubezwe ngokocansi yilezigila mkhuba ezibasongela ngokubasoconga uma beke babika ngakho.