IBAMBA likaSihlalo wekomiti lezeMfundo esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uNksz Hlengiwe Mavimbela, lihlola elinye lamabhasi athwala abafundi
Image: Sithunyelwe
BABHEKENE nengwadla abafundi abevile ku-150 000 KwaZulu-Natal, abaswele izinto zokubathutha nsuku zonke zibayise ezikoleni ngenxa yezinkinga zemali ezibhekene noMnyango wezeMfundo esifundazweni.
Lesi sikhalo sivezwe amalungu ePhalamende kulandela ukudedelwa kwezibalo zabafundi abaswele izinto zokubathutha.
Embikweni othulelwe ikomiti leMfundo eyisiSekelo ePhalamende kuleli sonto, kuvele ukuthi bangu-233 000 abafundi abadinga izinto zokubathutha esifundazweni.
"Kodwa bangu-76 598 kuphela abafundi abahlomula ohlelweni lwezokuthutha esifundazweni. Lokhu kusho ukuthi abangu-156 402, abanazo izinto zokubayisa ezikoleni," kusho iPhini loMqondisi jikelele emnyangweni, uNksz Simone Geyer.
Uthe inkinga yemali ebhekene nesifundazwe sebenesikhathi beyiveza njengengqinamba eyenza singandi isibalo sabafundi abathuthwayo.
Ilungu le-DA ePhalamende, uNksz Ms Ciska Jordaan, likhale ngokuthi sincane isibalo sabafundi abathuthwayo esifundazweni.
Lizwakalise ukukhathazeka ikakhulu emva kwengozi eyenzeke ngenyanga edlule eVaal, eGoli lapho kwashona khona abafundi abangu-13, ngesikhathi itekisi ababehamba ngayo ishayisana mahlanze neloli.
Le ngozi yashaqisa noMengameli Cyril Ramaphosa, kwahlatshwa nekhwelo lokuthi kuqiniswe imigomo ethinta ukuthuthwa kwabafundi.
UNgqongqoshe womnyango, uNksz Siviwe Gwarube, ukhale ngesimo semali saseKZN esenze bangakwazi ukwandisa isibalo sabafundi abathuthwayo.
"Siyazi ngezinkinga ezibhekene nohlelo lokuthuthwa kwabafundi eKZN ngoba kudingeka silungiswe lesi simo kwandiswe isibalo sabafundi abathuthwayo. Sesike sayibika indaba yaseKZN, saze sangenelela saya khona ukuzama ukulungisa isimo," usho kanje.
Iqembu i-Build One South Africa, linxuse uhulumeni ukuthi alungise izinkinga ukuze kwandiswe isibalo sabafundi abathuthwayo.
Izikhulu zomnyango esifundazweni, zihlale zikucacisa ukuthi ukube imali ikhona ngabe baningi abafundi abahlomula ohlelweni lokuthutha.
Khonamanjalo ikomiti lezemfundo esiShayamthetho, lisemkhankasweni wokuhlola izinto ezithutha abafundi.
Leli komiti lihambele ezindaweni ezehlukene eNquthu, ukuhlola isimo samabhasi athwala abafundi.
Ibamba likasihlalo wekomiti, uNksz Hlengiwe Mavimbela, lithe:"Sikhathazekile ngezingozi ezibandakanya abafundi yingakho sifuna ukubona uhlelo lokuthuthwa kwabafundi. Sibheka nesimo samabhasi athwala abafundi nsuku zonke."