YILO iqembu labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC
Image: FACEBOOK
KUVELE okushaqisayo ngokwaholela ekubhidlikeni kweqembu lebhola labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC.
Ngaphambi kokuba leli qembu libe yinhlakanhlaka kukhona abanukwa ngokuthwala nangokuthwebula izinhlanhla zabanye, abanye babizwa ngaphansi kweziketi zonina, abanye bacishe babambana ngezandla, kwakhona ukufelana ngamathe futhi kwakhonjwana nangezibhamu.
Akugcinanga lapho, kukhona osolwa ngokuzitika ngocansi nomfazi womunye wabaculi beMaskandi FC. Kukhona ababuye basola ukudliwa bume kwemali yeqembu yiziphathimanda zalo.
Isolezwe lithole ukuthi umfantu waqala ngengxabano eyayishisa phansi egunjini lokugqokela emuva kwemidlalo iJammin To Soccer Tournament ezinkundleni eTsakane Stadium eGauteng, ngoJulayi 2024. Yingesikhathi umculi wokholo uMdumiseni "Dumi Mkokstad" Nzimande weGospel FC ecishe ebambana ngamawashingi nozakwabo we-hip hop, uSiyabonga "Big Zulu" Nene.
YILO iqembu labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC
Image: SITHUNYELWE
Ngokusho komculi kamaskandi owaqala ukuduma kuma-DVD kaMgqumeni, uKhwezi "Smomoza" Mkhize, ingxabano yashisa phansi kubaculi bakamaskandi sebesegunjini lokugqokela kule nkundla kangangoba kwacishe kwabanjwana ngezandla. USmomoza ubegonyuluka lezi zindaba ekhasini lakhe likaFacebook.
Uze waveza ukuthi kwaze kwakhona abanuka abanye ngokufuna ukuthwebula izinhlanhla zabo futhi kwakhona ababizwa ngaphansi kweziketi zonina. USmomoza uthe abaculi ababengobhongoza nguSenzo "Ntencane" Zondi nosonkondlo ongumlingisi wemidlalo yethelevishini, uKwazi Nsele.
USmomoza uthe lawa maciko kufanele axolise kumsunguli weMaskandi FC, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose ngenxa yezinhlamba abamchapha ngazo. Uze wathi useyaxakeka uma esebona uNtencane noKwazi sebehla benyuka noKhuzani ekubeni bagcina bemthukile kwaze kwaphoqeleka ukuba alilaxaze iqembu futhi waphumisa okwembewu yamazambane kwi-group yabo kaWhatsApp.
Eziphendulela uNtencane uvele washiya angalazi kuSmomoza. Uthe uSmomoza uyabasanganela futhi ugqwaba udumo ngabo.
"Yiliphi ibhola olifunayo ngoba wena ubungayi emidlalweni, ubalekela amanyala owawenza ulala nomfazi womuntu esasidlala naye eqenjini. Mina noKwazi, laba osubadakelwa manje, yithi owawucasha ngathi eMpangeni ukuthi sikugade ngoba awuphephile. Belukuphi lolo thando lwebhola ngaleso sikhathi?"
YILO iqembu labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC
Image: SITHUNYELWE
UNtencane uthe bakhuluma noKhuzani njengabaculi futhi waya nasemngcwabeni kagogo wakhe. "Kungani ungayanga kubo kuvele umkhuhlane ngoba phela lapho kwakungamenywa muntu futhi wawungabonanga poster eyayingakuvimba ukuthi ungayi? Mina lo osufuna ukuthandwa ngaye kwakuyimi ngedwa owayelapho, umatasatasa uqopha lo mculo owuculayo."
UNtencane uthe ngamanga ukuthi iqembu laphela ngoJulayi 2024. Uthe iqembu ladlala kwi-activation yeGcwalisa Spring Picnic ngo-Okthoba 2024.
"IMaskandi FC yadlala ngoJanuwari 2025, eWema. Ubukuphi wena? Yadlala eGoli ngoMashi 2025, kwi-activation yeCarnival City, ubukuphi wena?" UNtencane usole uSmomoza ngokufuna ukwakhela i-albhamu azoyikhipha isigcwagcwa emphakathini.
UKwazi uvumelane noNtencane ngokulala kukaSmomoza nomfazi kazakwabo ababehlanganisa naye elinye ibhizinisi kanti uzomshaya ngemuva kwendlebe. Uthe yena akamsabi uSmomoza futhi lapho beyohlangana khona ngeke kumile utshani. Usabise nangokuveza igama lomculi kamaskandi owadlelwa umfazi wuSmomoza. Uthe ingxabano yayishubile kangangoba kwaze kwakhishelwana nezibhamu.
Uthe yena benoNtencane baze babizwa ngabafazi ngoba belokhu bekhuza. Uthe kubaculi abaphuma kuqala kuleli qembu ngoSminofu, Ntencane, Jaiva Zimnike noMashelela. Emuva kosuku lwaseTsakane, uthe kwaqala uKhuzani kwalandela uNjoko. UNjoko uvumile ukuthi kwashuba kwaze kwakhishelwana nezibhamu kodwa kwadlula ngoba kwakuphambana izinsizwa ezazihlangene ngobumbano.
SMOMOZA
Image: FACEBOOK
KWAZI NSELE
Image: FACEBOOK
NTENCANE
Image: FACEBOOK