Inhloko yoKlebe eKZN uMajor General Lesetja Senona
Image: Oupa Mokoena/Independent Newspapers
ILENGELWA yizembe iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, esolwa ngokuba wubhululu kasomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala.
USenona uthole incwadi emazisa ukuthi uzoqondiswa ubugwegwe, aphinde ashintshelwe kwesinye isikhundla ngenxa yokuvela kwezinsolo zokuthi wayeputshuzela uMatlala ulwazi oluyimfihlo lwasemaphoyiseni.
Lokhu kuvezwe uSenona izolo, ngesikhathi evele phambi kweKhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga.
Izinsolo zokuthi uSenona usondelene noMatlala zenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UMkhwanazi wathi indodana kaSenona, uThato Senona, isebenzisana noMatlala kwezamabhizinisi.
USenona uvumile ukuthi bayazana noMatlala kodwa waphika ukuthi wayemputshuzela ulwazi oluyimfihlo.
USenona uthe uthole incwadi emazisa ukuthi kuzophenywa izinsolo zokungaziphathi kahle kwakhe.
"Lena yimizamo nje yokungisabisa. Namanje ngisazibuza ukuthi kungani le ncwadi ngiyithunyelelwe manje ngoba sekufanele ngizovela phambi kwekhomishini? Ngabe bonke abantu okubalulwe amagama abo kule khomishini nabo benziwa le nto engenziwa yona?"
USenona uthe bahlangana noMatlala emshadweni, bagcina sebengabangani emthatha njengomfowabo. Uthe babengaxoxi ngezinto ezithinta umsebenzi.
Uthe wayengazi ukuthi uMatlala uphenywa amaphoyisa, wathi waqala ukuhlehla kuMatlala ngesikhathi kuvela imibiko yokuthi uphenywa amaphoyisa.
USenona uthe wayengazi ukuthi indodana yakhe isebenzisana noMatlala kwezamabhizinisi.
"Ngathuka ngelinye ilanga engibuza ukuthi ngiyamazi yini uThato. Ngaphendula ngasho ukuthi ngiyamazi, uyindodana yami. Wabe esengitshela ukuthi usebenzisana naye kwezamabhizinisi."
USenona uveze ukuthi wake waphelezela uMatlala eyohlangana noMkhwanazi.
Uthe umhlangano wawuhlelwe owayengungqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz Bheki Cele.
Ngaleso sikhathi kwakuyokhulunywa ngethenda eyayitholwe uMatlala emaphoyiseni.
USenona uthe uMkhwanazi wagcina ethembisa ukwelekelela uMatlala uma engamnika ulwazi olwalungaholela ekuboshweni kwePhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya.
USenona uthe uMkhwanazi wathembisa nokuthi amaphoyisa azomisa uphenyo ecaleni lokuzama ukubulala umlingisi owayeyisinqandamathe sikaMatlala, uTeboho Thobejane.
USenona uthe uMkhwanazi umthumelela imiyalezo emsabisayo.
Omunye umyalezo ofundiwe izolo, uMkhwanazi utshela uSenona ngezinto azofike akhulume ngazo emhlanganweni wasePhalamende.
Kulo myalezo, uMkhwanazi uveza ukuthi uzofike atshele ikomiti lasePhalamende ngezinsolo zokuthi uSibiya unikwa ngusomabhizinisi thizeni imali nokuthi wathengelwa ngusomabhizinisi thizeni umuzi kanye nepulazi.
UMkhwanazi uqhuba athi unethemba lokuthi ukuveza kwakhe lobu bufakazi angeke kufake uMatlala enkingeni.
Related Topics: