Izindaba

Basola umuntu owaziwayo kubulawa othandana nabobulili obufana nobakhe

Zimbili Vilakazi|Published

SBONGIMPILO Mzobe

Image: SITHUNYELWE

USOLA ukuthi umsolwa wumuntu owaziwayo umndeni wowesilisa obethandana nabantu abanobulili obufana nobakhe, okuthiwa ubulawe ngesihluku eNumber 9, KwaXimba, ngeSonto. 

Isidumbu sikaMnuz Sbongimpilo Mzobe (19) obedume ngelikaShanah sitholwe amalungu omphakathi sintanta emfuleni athinta amaphoyisa.

Ngokusho kukanina, uNksz Nelisiwe Mzobe, ubuntu bendodana yakhe bebuhleshulwe ngento ethize, amehlo ephuma igazi, ikhihliza amagwebu ngomlomo, ingalo isontekile, enye ihuzukile, kukhombisa ukuthi ibihudulwa.

Utshele Isolezwe ukuthi indodana yakhe ibulawa nje ibisibuyile ebumnandini futhi likhona nelungu lomndeni ekhulume nalo ngesikhathi ifika ekhaya.

“Ubuye ngabo-3 ekuseni, wangena endlini elala wonke umuntu, washintsha izingubo abezigqokile, wafaka iphinifa likaninakhulu,” kusho uNksz Mzobe.

Uthe ukuxoxaxoxa noninakhulu, emi ngasemnyango, kwase kuba khona omumemezayo.

Uthe uphendule ngelithi: “Ngiyeza hawu”, okudwebe isithombe sokuthi uyamazi umuntu obememeza.

Uninakhulu uvuke sekusile wayombheka kwenye indlu ajwayela ukubuya alale kuyo uma ekade eye ebumnandini, wathola kukhala ibhungane.

“Kuthe uma ephuma khona, waqaphela ukuthi kukhona umphakathi namaphoyisa ebebebuthene ebhulohweni lomfula ongezansi komuzi. Kube sekuqhamuka umakhelwane embuza ukuthi uyabona yini ukuthi kwenzekani, bathathana baya khona,” usho kanje.

Uthe yilapho abafike bathola khona ukuthi umshophi ubhekene nabo. 

Uveze ukuthi baqaphele ukuthi isidumbu sisongwe ngokusangubo abevame ukulala ngayo kule ndlu engaphandle, ophisi bephinifa bebegaxeke ebhulohweni, kukhombisa ukuthi ubehudulwa.

“Sisola ukuthi ungenile endlini abevame ukulala kuyo, walala, lo muntu wamhlaselela khona, ngaphambi kokuba amsonge ngengubo, amhudule, ayomphonsa emfuleni,” kusho uNksz Mzobe.

Uthe basola ukuthi umenzi wobubi wumuntu amaziyo umufi, angazange amxwaye, wathi basola lo obememeza, asabele kuye ngendlela ekhombisa ukuthi bayazana.

“Ubeyigwala kabi. Ukube bekungumuntu angamazi, ubezohayiza, abalekele endlini enomndeni,” usho kanje.

Uthe kukhona nemiyalezo abayibone kwiselula yakhe, ikhombisa ukuthi kukhona umuntu abexoxa naye kwiFacebook kusuka ngoNovemba, ede embizela khona ebhulohweni.

“Ubephendula ngokuthi akeze yena ekhaya lo muntu, emtshela ukuthi uyasaba ukuthi kube wuye oya ebhulohweni ngoba mhlawumbe uzomdubula isitho sangasese. Manje sesizibuza imibuzo njengoba egcine elinyazwa kusona isitho sangasese,” kusho uNksz Mzobe.

Uthe isithombe esifakwe yilo muntu, asibukhombisi ubuso kodwa sinomfaniswano wesikole sendawo nokwenza ziqine izinsolo zokuthi umsolwa wumuntu okhona endaweni.

Uthe bafuna abanjwe khona ezochaza ukuthi umbulaleleni. 

Udalule ukuthi umufi ubethandwa kakhulu abesifazane endaweni, abesilisa bebebuye bamthuke abaphendule ngokuthi: “Njalo niyangithuka emini, kodwa ebusuku niyangifuna”. 

Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphefumuli ngodaba.