Izindaba

Kushintshwe umthetho ngokubola kwe-data

Fanelesibonge Bengu|Published

I-ICASA ishicilele imithetho emisha elawula ukusetshenziswa nokuphela kwe-data

Image: Pexels

IQEMBU i-Economic Freedom Fighters lithi kube yingcindezi eliyifakile ukuthi i-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) igcine inquma ukuthi i-airtime ne-data engasebenzanga ingaphelelwa yisikhathi.

NgoLwesihlanu uSihlalo we-Icasa, uMothibi Ramusi, ushicilele kusomqulu kahulumeni izinguquko ezizoqala ezinyangeni ezingu-12 zikhishiwe.

Phakathi kokubaluliwe wukuthi izinkampani zama-network kumele zithumele izikhumbuzo ngeSMS uma i-data, i-airtime noma amaSMS (ama-bundles) kuphela kusasele uhhafu noma sekusebenze u-80% noma sekuphele nya.

Umnikazi usengazikhethela ukuthi uyazifuna yini noma cha izikhumbuzo.

Uma ama-bundles engaphelanga ngesikhathi abekalelwe sona kumele angaboli, ngokwe-Icasa, ngaphandle uma kuyilawo ezinsuku eziyisikhombisa.

Izinkampani ziyalelwe ukuthi zisebenzise ama-bundles anesikhathi esesizophela kuqala ngaphambi kokungenela amanye.

I-Icasa ithe umuntu usezokwazi ukudlulisela komunye ama-bundles noma ingcosana ngemigomo nemibandela efanayo nawathenge ngayo.

I-EFF esitatimendeni ithe ibihlale imile ekutheni i-data ne-airtime akuzona izinto ezibolayo ngakho akumele ziphelelwe yisikhathi.

"Le mpumelelo iwumphumela womkhankaso we-EFF ePhalamende nangaphandle. I-EFF ibilokhu iyiphakamisa le ndaba kusuka ngo-2024 ekomitini lezokuxhumana lapho ibhekane khona ngqo ne-Icasa nehhovisi likangqongqoshe ngemithetho engenabulungiswa yokuphelelwa yisikhathi kwalokhu."

Ithe iphinde yaxhumana nezinkampani okubalwa kuzo iMTN, Vodacom nezinye yakubeka kwacaca ukuthi indlela yokusebenza ayihambisani noMthethosisekelo.