Izindaba

'Uvume elokubulala umakhelwane' emsola ngokuntshontshana nomkakhe

Zimbili Vilakazi|Published

UBESOLA umufi ngokuntshontshana nomkakhe umakhelwane ozinikele emaphoyiseni ngoLwesihlanu, ngelokubulala owesilisa waseCoffee Farm, KwaNdengezi, owaduka ngasekupheleni konyaka odlule.

Umufi, uMnuz Kholwani Cele (34) waduka ebuya emsebenzini kwaClover, eNorthdene, eQueensburgh, ngasekupheleni kuka-Okthoba nyakenye.

Kuthiwa umsolwa, ongumakhelwane, uzinikele emaphoyiseni aseMariannhill, ngoLwesihlanu, wagonyuluka ngokumbulala wase emphonsa emfuleni, uMngeni.

KHOLWANI CELE

Image: SITHUNYELWE

Ngokusho kukamfowabo, uMnuz Sbonelo Cele, bashayelwe ucingo umphenyi, ebatshela ngensumansumane kamakhelwane osefike wavuma icala lokubulala uKholwani.

“Kuthiwa uthe umbulalele ukuthi uthandana nomkakhe. Kuthiwa uveze nokuthi wayengeyedwa embulala, kukhona abanye besilisa ababili esibaziyo bendawo ayesizana nabo,” kusho uCele.

Uthe kubashaqisile lokhu ngoba umsolwa ungumuntu ongubaba ebebezwana naye njengomakhelwane.

“Ubefika ekhaya axoxe nathi sonke, ngisho naye uKholwani, bebejwayelene nje impela,” usho kanje.

Ushaye amakhala ngezinsolo zikamsolwa, wathi akakholwa ukuthi ziyiqiniso.

“Ubafo ubewumuntu ongenazimfihlo. Ubesixoxela singabafowabo ngempilo yakhe yezothando, ngisho ngabe into iyihlazo elinjani. Asikholwa ukuthi uma ibikhona eyokuthandana nonkosikazi kamsolwa, ubengehlebele ngisho noyedwa wethu,” usho kanje.

Uthe nakuba bebengakaze basolele ngakumsolwa kodwa kukhona osekwenza umqondo manje njengoba esevele wazinikela emaphoyiseni.

“Emva kwezinsukwana kusabalale eyokuthi umfowethu ulahlekile, naye wavele wanyamalala. Umndeni wakhe waze wavula icala lokulahlekelwa nawo. Nakuba kwasixaka ukuthi naye alahleke kodwa savele saba nokuthi mhlawumbe naye wehlelwe umshophi ofana nowehlele ubafo,” kusho uCele.

Ukuvezile nokho ukuthi umndeni kamsolwa ubungakhombisi ukukhathazeka okungango ngokuthi isihlobo sabo sinyamalele.

Uthe umufi ubewumuntu obebajwayele kakhulu abesifazane bendawo, njengoba ebethenga imikhiqizo yobisi efemini yakhe ngamanani eliphansi, abuye azobadayisela ngemadlana encane nabo.

“Ngakho-ke iningi labesifazane belimjwayele kakhulu njengoba belithengela izingane zalo nemindeni yalo imikhiqizo efana nama-danone no-cheese,” kubeka uCele othe nenkosikazi kamsolwa ibiyithenga njengabanye besifazane le mikhiqizo.

Uthe umseshi ubatshele ukuthi umsolwa uthe ngesikhathi sebembulele umufi, bambelethisa itshe, base bemphosa emfuleni uMngeni ngaseSpringfield.

Ekhuluma neSolezwe izolo, uCele uthe basendleleni eya endaweni yesigameko njengoba umsolwa ebeyokhomba lapho abamphonsa khona umufi.

Uthe baphoxekile ngomsolwa.

"Ubaba nje lona obesijwayele kakhulu futhi simethemba. Besingakaze sicabange ukuthi angasenza into ebuhlungu kanje,” kusho uSbonelo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMariannhill abophe owesilisa ambeka icala lokubulala kulandela ukuthi egonyuluke ngokubulala umuntu obebikwe njengodukile ngo-Okthoba nyakenye.

"Kuzolandelwa imigudu efanele efaka phakathi ukukhomba indawo yesigameko nalapho okwalahlwa khona isidumbu. Umsolwa uzobe esevela enkantolo uma konke lokhu sekwenzekile," kusho uNetshiunda.