Esitatimendeni
Image: Sithunyelwe
Kugwilize abantu ababili eMtubatuba, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngemuva kokuzama ukuhlinza imvubu efe emfuleni iMfolozi.
Esitatimendeni esikhishwe ngokuhlanganyela ngeSonto, abeZemvelo KZN Wildlife kanye neSimangaliso Wetlands Park Authority bathe lesi sigameko silandela ukutholakala kwemvubu ebilimeie ibhajwe kanzima ogibeni emfuleni uMfolozi ngaseMonzi ngoLwesihlanu.
Ngokusho kweziphathimandla, izikhulu ze-Zemvelo zifike endaweni yesigameko ngoLwesihlanu, nokuyilapho zifice isilwane sisosizini nenqwaba yamalungu omphakathi ehlangene osebeni lomfula. Ngemva kokuhlola isimo, izikhulu zinqume ukuthi ngeke kwenzeke ukuhlenga imvubu ngenxa yodaka nezimo eziyingozi kakhulu ezibangelwa umfula odla izindwani. Zixhumane nodokotela bezilwane kwavunyelwana ukuthi asibulawe isilwane bese kuthathwa izitho zomzimba ezibalulekile njengekhanda nemilenze, kwase kushiywa umzimba ngesizathu sokuthi bazobuye benze imizamo yokuwulanda.
Kuthe kusenjalo, umphakathi wazama indlela yokufinyelela kulesi silwane ukuze sihlinzwe kuthathwe inyama, ngeshwa, kuminze umuntu oyedwa kulesi siphithiphithi. Kuthiwa osewibili umuntu uminze ezama ukutakula lo owokuqala.