Izindaba

UMalema udonse ngendlebe osomatekisi

Charles Khuzwayo|Published

UMNUZ Julius Malema eseNkantolo eNkulu yase-East London e-Eastern Cape

Image: FACEBOOK

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, udonse ngendlebe osomatekisi ukuba bashintshe indlela abenza ngayo ngoba basuke bethwele ikusasa leNingizimu Afrika. UMalema ukhulume kanje ngaphandle kweNkantolo eNkulu yase-East London e-Eastern Cape ngoLwesihlanu.

UMalema ubeduduza imindeni yabafundi abangu-14 abashone engozini yemoto eyenzeke eVanderbijlpark, eGoli ngoMsombuluko. Uthe abashayeli abathutha izingane kufanele bazi ukuthi bathwele abantu hhayi iamasaka amazambane.

"Kufanele nazi ukuthi uma kufa ingane  kuleyo tekisi kusuke kufa ikhanda elingashintsha usizi lomndeni. Kufanele nazi ukuthi nibulale ikusasa nethemba lomndeni."

Uthe le ngozi beyingagwemeka. Ugqugquzele abalandeli be-EFF ukuba bangapheli amandla . "Noma ngabe isinqumo semantshi sithini kodwa ningapheli amandla." Uthe i-EFF yinhlangano ethwele amathemba abantu.

Uthe noma kungenzekani kuyena kodwa akasoze athobela abantu abamhlophe. Ubonge izinhlangano zepolitiki ezibeke eceleni ukungaboni ngaso linye ne-EFF, njengeMK Party, kodwa zazokweseka i-EFF.

Ukulalelwa kwesigwebo sikaMalema kuhlehliselwe umhla ka-15 no-16 Ephreli. UMalema watholakala enecala lokuba nesibhamu esingenamvume nezinhlambu, ukudubula esidlangalaleni, ukuhluleka ukucophelela kanye nokuba budedengu kubantu nasempahleni.

UMalema wadubula embhiyozweni waleli qembu owawuseSisa Dukashe Stadium eMdantsane ngoJulayi 2018. NgoLwesihlanu uMbuso uthe ufuna uMalema agqunywe ejele. Nakuba kunjalo abameli bakaMalema bayavuma ukuthi noma aba budedengu ngokudubula kodwa wayengakhombe muntu ngesibhamu.

Bathe inhlawulo kuphela okudingeka inikezwe uMalema. Abalandeli be-EFF bebephume ngobuningi babo ukuthamela icala. Abaholi be-EFF bebegqoke izikibha ebezibhalwe ukuthi "Akuhlukwane no-CIC."

Iningi labo belichapha ngenhlamba i-AfriForum, uMengameli wase-USA uDonald Trump noMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa.

Leli cala bekufanele lihlalelwe eNkantolo yeMantshi yase-East London kodwa kwashintshelwa kwenkulu ngenxa yobuncane bendawo ehlala izithameli ngaphakathi.