UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli enoMbhishobhi omkhulu wamaSheshi uThabo Makgoba emcimbini obuse-ICC eThekwini bezohalalisela abafundi bakamatric abagile izimanga eMenzi High School, eMlaza
Image: SITHUNYELWE
UPHUMELE obala wezwakalisa okukhulu ukukhathazeka kwakhe lokhu uNdunankulu waKwaZulu- Natal, uMnuz Thami Ntuli ngegebe lamakhono nezemfundo athe libonakala likhona phakathi kwabantwana baseNingizimu Afrika uma beqhathaniswa nabaseChina.
UNtuli ubekhuluma ese-ICC, eThekwini izolo emini ngesikhathi eyisikhulumi sosuku emcimbini wokuhalaliselwa kwabafundi abenze kahle baseMenzi High School eMlaza.
UNtuli uthe uyafisa ukubona izinga lemfundo yaseNingizimu Afrika likhula minyaka yonke lize lifinyelele esigabeni lapho okuthiwa aliselikhulu igebe uma liqhathaniswa neChina. "Umbuzo omkhulu uthi ngabe sisele kangakanani ngokwezinga lemfundo kanjalo nangokwamakhono uma izwe lethu liqhathaniswa neChina.
Kungadingeka sisebenze isikhathi esingakanani ukuze kukhulunywe eyokuthi leli gebe sesilivalile," usho kanjena. Nokho uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi kukhona okuhle okubonakalayo uma kusekhona isikole esikwazi ukuthi sikhiqize imiphumela emihle ka-matric minyaka yonke njengoba kubonakala iMenzi yenza.
Lokhu uthe kukuveza ngokusobala ukuthi uma nje iNingizimu Afrika ingaqinisa amabhawodi ibhukule kwezemfundo kungagcina kukhanya. "Iqiniso ukuthi kube kuhle kakhulu ukusebenza kwabafundi bethu baKwaZulu Natal ku-matric wangonyaka odlule,," usho kanjena. Ube eseyishayela elikhulu ihlombe iMenzi ngokuphinda iphumelele ngo-100% ku-matric nyakenye.Uthe badinga ukwethulelwa isigqoko abafundi bakulesi sikole, othisha nabazali abathintekayo emfundweni yabantwana."
Kudingeka ukuba zonke izinhlaka zibandakanyeke ukuze kubonakale imiphumela emihle kangaka. Lokhu kusho ukuthi kuyenzeka eMenzi," kuchaza yena. Ngalolu suku isikole sikhumbule ingqalabutho yaso eyayinguthishanhloko kusona engasekho emhlabeni, uMnuz Felix Mshololo. Bekunesithombe sakhe emnyango wase-ICC osibona ngaphambi kokuba ungene ngaphakathi.
Uthishanhloko waseMenzi uNksz Ndlanzi uthe bahlabeke umxhwele ngendlela abafundi bakulesi sikole abasebenze ngayo. Uthe konke kungumphumela wokusebenza ngokuzikhandla kothisha nabafundi.
Uthe njalo banomthwalo wokuqikekela ukuthi iMenzi ayilehlisi izinga kodwa iyaqhubeka nokuba yisibani esihle uma kukhulunywa ngezeMfundo. Ubashayele ihlombe othisha wathi minyaka yonke basebenza ngokuzikhandla ngoba bayakuqonda ukuthi kumqoka kangakanani ukuthi lesi sikole senze kahle minyaka yonke.
Lo mcimbi ubuxhaswe yiSolwazi Zulu Foundation okuyinhlangano engenzi nzuzo kaMntwana uQedukwazi Zulu naye obekhona kuwona. UMntwana uZulu naye ubashayele ihlombe abafundi bakulesi sikole ngokwenza kahle kwabo.
Uphinde wancoma kakhulu nothisha ngendima abayiklamayo ekuqinisekiseni ukuthi isikole sihlale sisebalazweni ngokwenza kahle. Lona bese kuwunyaka ka-14 isikole sigila izimanga siphumelela ngo-100%. Abafundi abenze kahle baklonyeliswe ngezinto ezahlukene. Kuvelile ukuthi iningi labo selithole izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Sishayelwe elikhulu ihlombe ngale ngqophamlando. Izikhulumi eziningi bezichaza lesi sikole njengesesiphenduke isibani emfundweni yaKwaZulu-Natal namaphethelo. Umcimbi ubuzinyaziswe yizihambeli ebezivela ezinhlakeni ezahlukene. Bekukhona nabaholi bezenkolo okubandakanya uMbhishobhi Linda Mandindi webandla lamaWeseli noMbhishobhi omkhulu uThabo Magkopa webandla lamaSheshi.