I-Durban University of Technology
Image: DUT
I-DURBAN University of Technology (DUT) ikhiphe isexwayiso ngokuthi kukhona abangasebenzisa igama lesikhungo ukuqola izitshudeni. Lokhu kulandela ukusabalala kwemibiko yokuthi kukhona abebegwazisa abebeshaye ujenga befuna ukubhalisa ekhampasini yaseThekwini izolo.
Abebelinde ukubhalisa bathe kunemali okuthiwa iyadingeka ukuze bathole izikhala. Bathe le mali kuthiwa mabangene ngaphakathi sebeyiphethe.
Isikhungo sitheabenza lo mkhuba bavamise ukubheka labo bafundi okubonakalayo ukuthi luncane ulwazi abanalo mayelana nohlelo lwesikhungo lokubhalisa.
Sithe siyabaxwayisa abafundi ngabantu abangabashayela izingcingo bebatshela ngezikhala ezikhona kulesi sikhungo baze badlulele babatshele ngendaba yenkokhelo.
Isolezwe libuye lathola ngengwadla yohlelo olusha lwezobuchwepheshe lokubhalisa olusetshenziswayo kulesi sikhungo okuthiwa lunezinkinga
Abamele izitshudeni bathe luhamba ngonyawo lonwabu futhi luyehluleka ukulekelela ababhalisayo.
Mayelana nalokhu iDUT ithe isikhungo sisungule lolu hlelo olusha lokubhalisa ngoba sikholwa wukuthi luyashesha. Sithe kuyinto elindelekile ukuthi vele kube khona ubuhixihixi njengoba kuwuhlelo olusha. Sibe sesinxusa abafundi ukuba babe nesineke bazifundise ukubekezela.