Zweli Mkhize
Image: File
“ANGIKAWUTHATHI umhlalaphansi, okufunwa ngabantu ngisengakwenza.'' Lena yindlela uDkt Zweli Mkhize aphendule ngayo ngesikhathi ebuzwa ukuthi kusengenzeka yini ukuba aphinde abonakale kuvela igama lakhe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi kwi-ANC okulindeleke ukuthi ibe ngoDisemba 2027.
UMkhize ubekade enenkulumo ekhethekile neSolezwe ngesikhathi enohlelo oluhlabahlosile lokuhambela izikole ezahlukene oPhongola. Uthe usekhona lokho kusho ukuthi noma yini isengenzeka.
Mayelana nokhetho lohulumeni basemakhaya uthe likhona ithuba lokuthi i-ANC isengenza kahle inqobo nje uma iqala phansi izihlele kahle.
''Ngesikhathi sethu bekuthi njalo uma siya okhethweni ungabi bikho umqondo wokuthi siyakhona ngokuthi vele siyonqoba. Kodwa besiya khona sizimisele, silangazelele ukunqoba,” usho kanjena.
Uthe okumqoka kakhulu wukubona i-ANC isondela ebantwini, ikhulume nabo futhi iphinde ibachazele ngamaphutha enzekile. Uthe lokhu kuyinto emqoka kakhulu ukuba yenziwe.
Uphinde wahalalisela iKwaZulu-Natal ngokwenza kahle iziqwaqwade zonke izifundazwe eNingizimu Afrika emiphumeleni ka-matric.
“Lokhu kwenze saziqhenya kakhulu thina njengabaholi abadala KwaZulu-Natal.”
Uthe lokhu kudinga ukushayelwa elikhulu ihlombe leli kwazise kukhona isikhathi lapho okwakubonakala khona ukuthi ziyabhimba impela izinto ikakhulukazi kwisiFunda uMkhanyakude.
“Ngikhumbula kahle ukuthi kunesikhathi lapho uMkhanyakude wawuphume khona unombolo 11. Lokho kwaba yinto engeyinhle. Siyabonga kakhulu uma izinto seziguquke ngale ndlela.”
Mayelana nohlelo lokuhambela izikole ezahlukene oPhongolo uthe lokhu yinto ajwayele ukuyenza minyaka yonke.
Inhlosongqangi yalokhu uthe kusuke kungukubheka kabanzi ukuthi yiziphi izinselelo lezo zikole ezibhekene nazo ukuze babuyele emuva kubaphathi bezemfundo babazise ngalokho.
Uqale ngokuhambela eDwaleni High eNcotshana ku-ward 2. Usithulele isigqoko lesi sikole ngokuhlomula ngo-99% emiphumeleni ka-matric yangonyaka odlule.
Uthe kuyajabulisa ukubona izikole zasemakhaya zenza kahle kangaka phezu kokuba kukhona izinselelo ezibhekene nazo.
Uveze ukuthi lesi sikole sikwazile ukuthi senze lokhu phezu kokuba othisha bebhekene nengwadla yokufundisa emagumbini okufundisa kuminyene.
“Uyabona nje abafundi bakulesi sikole bangu-1 700 sebebonke. Kodwa amagumbi okufundela angu-21. Eqinisweni uma ubuka isibalo sabafundi kumele ngabe sikhuluma indaba yokuthi amagumbi okufundela angu-42 esewonke kodwa akunjalo kulesi sikole,” kuchaza yena.
Uthe uhlabeke umxhwele njengoba lesi sikole siphinde sakhiqiza oBachelor abaningi.
“Lokhu kukuveza ngokusobala ukuthi basebenze ngokuzikhandla okungakanani othisha nabafundi bakulesi sikole.”
Udlulele esikoleni, iMagutshwa High esiKwaShoba ku-ward 15. UKhabazela uzwakalise okukhulu ukukhathazeka ngalesi sokole kangangoba uveze ukuthi ube nomhlangano odonsile impela nothishanhloko waso.
Uveze ukuthi lesi sikole siphumelele ngo-53% ngonyaka odlule, sisuka ku-63% wango-2024, ekubeni eminyakeni eyedlule sike sahlomula ngo-74%. Uthe lokhu kuveza ngokusobala inkinga ekhona kulesi sikole.
“Ziningi izinkinga ezigubuzele lesi sikole. Kukhona inkinga yamanzi. Kuphinde kuzoba khona nenkinga yombango wezikhundla.”
Noma zimapeketwane zinjalo izinto kulesi sikole uthembise ukuthi kukhona abazokwenza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kutholakala izixazululo ngoxhaxha lwezinkinga zesikole.
“Kumele nakanjani kube khona okwenziwayo ukuze izinto zilunge kulesi silkole,” usho kanjena.
Ubuye waba nomhlangano nabaholi bezenkolo obusesakhiweni sebandla iDikapoli ku-ward 9.
Namhlanje uzoqhubeka nohambo lwakhe njengoba ezohambela isikole iSiqalakubona High esisoPhondwane ku-ward 8 bese edlulela eMpindiso High ku-ward 8.
Ugcizelele ukuthi imfundo iyisikhali esimqoka, konke kuqala kuyona wathi ngenxa yalokho kumqoka kakhulu ukuthi kwenziwe konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi imfundo iphathiswa okwezikhali zamaNtungwa.
UMkhize onguqolothakamango kuhulumeni nakwi-ANC, manje unguSihlalo wekomiti loMnyango wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu ePhalamende.