Izindaba

Kuthungathwa ikhansela elimuke nezikhukhula eMozambique

Nonkululeko Nhlapo|Published

IDolobha laseKurhuleni likuqinisekisile ukuthi ikhansela lalo mkhandlu emnyangweni wezeMigwaqo nezokuThutha, uMnuz Andile Mngwevu, udukile emuva kokuthi imoto abehamba ngayo imuka nezikhukhula eChokwe, eningizimu yeMozambique.

Image: Sigciniwe

UMngwevu ubeyingxenye yethimba elisemthethweni ebelivakashele eMozambique ngesikhathi kugadla izikhukhula kule ndawo. Ngokusho kukamasipala imoto ebimthwele ibanjwe amanzi egijima yaguguleka.

Imisebenzi yokuthungatha nokuhlenga isaqhubeka, iziphathimandla zaseMozambique kanye nabezimo eziphuthumayo basebenzela ukuthola uMngwevu kanye nabanye okungenzeka ukuthi bakhahlamezekile kulesi sigameko.

IDolobha lase-Ekurhuleni lithe likhathazeke kakhulu futhi lisaqhubeka nokuxoxisana neziphathimandla. I-SABC ibike ukuthi amalungu omndeni kaMngwevu ahambele eMozambique ukuyokweseka imizamo yokuthungatha.

Ngaphezu kwalokho, Umbutho Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (i-SANDF) kanye Nombutho Wezokuvikela wase-Mozambique baqale umkhankaso ngokuhlanganyela wokuthola i-MMC elahlekile kanye nalabo abehamba nabo.