Izindaba

Asikaze sithembise uBarnes esobumeya eZululand - IFP

Sabelo Nsele|Published

Okhulumela i-IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa.

Image: Sigciniwe

UBUHOLI be-IFP buphika buma ngentaba ukuthi bathembisa umholi weNFP, uMnuz Ivan Barnes, isikhundla sobumeya kuMasipala waseZululand ngesikhathi kunezingxoxo zokubusa ngokubambisana esifundazweni iKwaZulu-Natal. 

Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe kungamampunge ukuthi babambisa uBarnes udonga maqeda bamjikela uma sebethole isifundazwe. 

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eThekwini, izolo. Ubuholi beNFP busanda kuthatha isinqumo sokuhoxa kuhulumeni waKwaZulu-Natal oholwa yi-IFP. 

Esinye sezizathu ezibekwa ubuholi beNFP ukuthi ubuholi be-IFP abuzange busigcine isithembiso sokuthi amaqembu azobambisana nakomasipala uma esebambisene esifundazweni. I-NFP yayifuna uBarnes anikezwe esobumeya eZululand. 

Ngaleso sikhathi yayingekho imeya kulo mkhandlu kulandela ukusula kukaMfu Thulasizwe Buthelezi, awayeseqokelwe kwesikaMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. 

UHlengwa uvumile ukuthi abaholi beNFP bayikhuluma eyokubambisana eZululand, kodwa wathi ayikho into okwavunyelwana ngayo noma isethembiso esenziwa abaholi be-IFP. 

UHlengwa uthe izingxoxo zokuphathwa kukahulumeni waKwaZulu-Natal, zazingahlangene nokuphathwa komasipala. 

UHlengwa uthe abaholi beNFP baphinde babacela ukuba babakhulumele noMengameli Cyril Ramaphosa ukuba abanikeze isikhundla kuzwelonke.

I-NFP ayinaso isihlalo ePhalamende kodwa umthetho uyamvumela uMengameli ukuba engaqoka ongqongqoshe ababili abangesiwona amalungu ePhalamende. 

UHlengwa uthe naso lesi sicelo asizange siphumelele. UHlengwa ukuphikile ukuthi ukuxoxa nabaholi beNFP. 

UHlengwa uthe ubuholi be-IFP KwaZulu-Natal buyaqhubeka nokuba nezingxoxo nobuholi beNFP esifundazweni. 

"Akulona iqiniso ukuthi siphakeme, asifuni ukuxoxa neNFP. Ubuholi be-IFP KwaZulu-Natal buyaqhubeka nokuxoxa nobuholi beNFP KwaZulu-Natal. Ayikho into kufanele sixoxe nobuholi bukazwelonke. Kodwa ke asinankinga nokuxoxa nabo uma befuna ukukhuluma nathi."

UHlengwa uthe uhulumeni waKwaZulu-Natal usasebenza kahle.

Uxwayise amaqembu ababambisene nawo ukuba angavumi ukudukiswa yiMKP.

"Inkinga esinayo la ukuthi iMKP iswele into ezoyenza. Angithi bona abayona ingxenye yohulumeni, ababhekene nomsebenzi wokuhambisa izidingo kubantu. Into ebahlalele nje ukuthi baphikise konke okwenziwa uhulumeni wesifundazwe. Nami ngingathuka uma bengase bayeke ukuphikisa izinto ezenziwa uhulumeni. Amaqembu esibambisene nawo kufanele aqaphele angadukiswa abantu abaswele into abazoyenza."

UHlengwa uthe angeke bavume ukuthi isifundazwe siphathwe yiMKP. 

"Kuningi okungonakala uma isifundazwe singase siwele ezandleni zeMKP. Awucabange nje ngabe useshintshwe kangaki uNdunankulu ukube siphethwe yiMKP? Angazi bangaki onobhala jikelele asebexoshiwe kwiMKP. Abaholi baxoshwa njalo kwiMKP, umholi wayo kuphela ongakhishwa esikhundleni."