Bazokwaziswa ngama-SMS abathathiwe e-UKZN
Image: Sibonelo Ngcobo/Independent Newspapers
INyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) ihalalisela Ikilasi likaMatric lika-2025 ngempumelelo yalo futhi libheke ngabomvu ukwamukela izitshudeni ezintsha ezithathwe kuleli klasi ngonyaka wezefundo ka-2026.
INyuvesi incoma izinkulungwane zabafundi, othisha, abazali kanye nabanakekeli ezweni lonkana ngokuzibophezela kwabo nomzamo wabo kube nomthelela ezingeni eliphezulu lokuphasa ku-matric likazwelonke elirekhodiwe kuze kube manje. Siyaziqhenya kakhulu ngempumelelo yesifundazwe sakithi futhi sihalalisela iKwaZulu-Natal ngokufinyelela izinga eliphezulu lokuphasa umatikuletsheni kuzwelonke.
Njengoba imiphumela ka-matric isikhishwe ngokusemthethweni, i-UKZN izoqala ukukhipha izaziso ze-SMS mayelana nezicelo eziqinisekisiwe zabathole izikhala kusasa ekuseni (ngoLwesithathu, 14 January). Imilayezo yabathole izikhala izokhishwa ngokwezigaba ezahlukene ezinsukwini ezizayo kuze kube yilapho sezigcwaliswe zonke izikhala ezingu-9 124 zabafundi abaqala ngqa ukungena ngaphansi kweziqu zabo.
Abafakizicelo abazothola le milayezo, banikezwe isikhathi esingamahora angama-72 (izinsuku ezintathu) ukuba bazamukele ngokusemthethweni. Abazohluleka ukuzamukela ngalesi sikhathi, zizobhuntsha izikhala zabo zinikezwe abanye abafundi. Ngakho-ke abafakizicelo bayakhuthazwa ukuthi baqaphe imilayezo yabo ngokucophelela futhi baphendule ngesikhathi esinqunyiwe.