UQAGELA Lindokuhle Nxumalo uyomela iNingizimu Afrika e-Ivory Coast ngenyanga ezayo. Wathathwa lapha enomculi wamapiano uMawhoo
Image: FACEBOOK
UMDLALI wemidlalo yethelevishini waseShowe,uQagela Lindokuhle Nxumalo, uyomela iNingizimu Afrika emcimbini osedolobheni lase-Ivory Coast, iKouto ngenyanga ezayo.
UQagela (23) uthe uzofulathela leli kusukela ngoFebhuwari 3 aze abuye ngomhla ka-10. "Sizobe sihamba noSpikili Mnotho Dladla, Sokalentombi Sandile Dlomo, Malebuli umfo kaShange, Khanyi Shange neqembu lezintokazi elibizwa ngoSwenkabamabhinca."
Uthe bazobe bewu-20, kungabesifazane abawu-15 nabesilisa abahlanu.
"Sizobe sinandisa kusukela ngomhla ka-5 kuze kushaye umhla ka-7," kusho le nsizwa esibuya kolingisa kuMkhokha The Curse, Amalanga Awafani, Sibongile And The Dlaminis, Isandlwana The Musical nakwiTales Of A Zulu Dancer/Igidangoma.
UQagela udabuka eVuma eShowe futhi ufunde eNsukazi Primary, eYamela High kodwa waphothula uGrade 12 eSibonelo Secondary KwaMashu. Ngaphandle kokulingisa uQagela ubuye abe yigidangoma emaqenjini kayise oyigoso nomculi kamaskandi, uGadla Nxumalo.
UQAGELA Lindokuhle Nxumalo uyomela iNingizimu Afrika e-Ivory Coast ngenyanga ezayo.
Image: FACEBOOK
UQAGELA Lindokuhle Nxumalo uyomela iNingizimu Afrika e-Ivory Coast ngenyanga ezayo.
Image: FACEBOOK