Izindaba

Ulaka lwabantu luphoqe amaphoyisa ukubopha osolwa ngokugqema intombi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Seliboshiwe isoka elinekwe ezinkundleni zokuxhumana ngokushaya intombi

Image: facebook

Amaphoyisa KwaZulu-Natal akhiphe isitatimende eveza ukuthi asebophe owesilisa osolwa ngokushaya ephindelela intombi yakhe.

Lesi sitatimende samaphoyisa silandela umsindo omkhulu osuke ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi umgilwa, ongusomabhizinisi osemncane uSnenhlanhla Nenezana Mthembu enekele izwe lonke ubuhlungu abhekene nabo ngaphansi kwesandla sesoka lakhe. Kulawa manyundululu avezwe yile ntokazi, yizithombe ezihlasimulisa umzimba ezibonisa ukulimala kwakhe ngenxa yokushaywa kanzima. Okunye okuthuse abaningi wukuthi le ntokazi ifake nobufakazi bezinombolo zamacala ake wawavula phambilini ewavulela isoka leli elimshayayo, kodwa wonke lawo macala abuya nemilayezo wokuthi asevaliwe umsolwa engakaze abhekane nokushushiswa.

Esitatimendeni sawo, amaphoyisa athi aqaphele umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngowesifazane osola amaphoyisa ngokungenzi lutho ngemuva kokubika icala lokushaya ngenhloso yokulimaza isoka lakhe esiteshini samaphoyisa eMlaza, ngoLwesihlanu, 9 Januwari 2026.

"Cishe ngemuva kwamahora angu-48 kubikwe icala, ngoMsombuluko, 12 Januwari 2026, amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka engu-24 ngecala lokushaya intombi yakhe eneminyaka engu-31 ubudala nokulimaza imoto yayo ngesikhathi sesigameko esihlobene nodlame lwasekhaya esigcemeni sakwa-V eMlaza ngoLwesihlanu."

Kubikwa ukuthi umsolwa wabizela isisulu endlini yakhe ukuze silande izimpahla zaso. Ngesikhathi sifika isisulu, kuthiwa umsolwa usishaye ngepayipi wasiluma ngamazinyo, waphinde wasishaya nangezandla. Kuthiwa isisulu sibaleke sabuyela emotweni , kodwa umsolwa wasilandela walimaza iwindi elingemuva lemoto.

"Uphenyo lwamaphoyisa luphinde lwaveza ukuthi kumanje lo wesimame usesibhedlela ngenxa yamanxeba okushiswa okusolakala ukuthi uwathole ngesikhathi eshisa imoto yesoka lakhe ayishise yaba umlotha. Uma esephumile esibhedlela, uzobhekana necala lokushaya nokulimaza impahla," kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Amaphoyisa aqhubeke athi laba bobabili banomlando wokuvulelana amacala. Lawo macala afakwe aphantshe enkantolo.

Amaphoyisa akhuthaza abantu abasebudlelwaneni banoma yiluphi uhlobo ukuthi baxazulule ukungaboni ngaso linye kwabo ngokuthula noma bacele usizo kulabo ababathembayo ukuze bangabi nodlame.